Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni
I-Action SA imashe isuka e-Tzaneen Showground yaya esiteshini samaphoyisa, ifuna ukuthi kuthathelwe izinyathelo abantu bangaphandle abangenazo izincwadi nabanikazi bezitolo.
Ababemasha balinde amahora amaningi kumasipala ukuze banikeze imeya u-Odas Ngobeni imemorandum, kodwa ubeseMbizo emahoreni amabili ukusuka lapho.
I-Action SA ihole imashi edlula e-Tzaneen ngoLwesibili, ifuna ukuba izipaza nomnotho wendawo ubuyiselwe kubantu baseNingizimu Afrika.
Imashi iqale e-Tzaneen Showground yadlulela enkabeni yedolobha yaya e-Tzaneen Police Station, lapho imemorandamu yanikezwa umphathi wesiteshi uBrigadier Edward Masinamela.
UDkt Mikia Ramothwala, oshiye i-ANC wajoyina i-Action SA ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, ubehola le mashi. Ujoyinwe yilungu le-Action SA ePhalamende uLerato Ngobeni.
URamothwala ufundele amaphoyisa nezikhulu zoMnyango Wezasekhaya imemorandamu.
“Sicela amaphoyisa noMnyango wezaseKhaya basebenzisane nathi ekususeni abokufika ngokungemthetho eTzaneen nabanikazi bezitolo bokufika abangenazo izincwadi ezisemthethweni zokudayisa,” usho kanje. “Sifuna usiyise ezindaweni abasebenza kuzo laba bantu nalapho benza khona ubugebengu sizobasusa.”
UNgobeni uthe i-Action SA isikhathele ukubona abokufika besebenza emapulazini, ezitolo nasezindaweni zokudlela bengenawo amaphepha, kuyilapho intsha yaseNingizimu Afrika idonsa kanzima ukuthola imisebenzi.
UMasinamela nomele uMnyango wezaseKhaya basayine imemorandamu ukuqinisekisa ukuthi bayitholile. Uthe amaveni amaphoyisa asemi ngomumo ukubopha noma ngubani otholakala engenazo izincwadi ezisemthethweni.
UNtwanano Marito, waseMhlava Village, ungene kule mashi. Unesitifiketi sika-grade 12 kanye neziqu zokuphatha ibhizinisi azithola eLetaba TVET College, kodwa akasebenzi.
“Abokufika bathatha amathuba abantu bendawo abawalwelayo,” usho kanje.
Imashi iphelele kuMasipala iGreater Tzaneen, lapho abebemasha belinde amahora amaningi ukuze banikeze imeya u-Odas Ngobeni incwadi yezikhalazo. Ubephethe Imbizo eMokgwathi Village, eqhele ngamahora amabili. Abantu bahambe bengambonanga.
Izitolo eziningi zakwamanye amazwe edolobheni zivaliwe. Ngale kwalokho, impilo yaseTzaneen iyaqhubeka njengokujwayelekile, amatekisi ehamba futhi amaphoyisa amaningi, kuhlanganise neziNyala abonakala edolobheni lonke.
Esithombeni esingenhla: I-Action SA ihole abantu enkabeni yedolobha i-Tzaneen ngesikhathi bebhikisha befuna kuthathelwe izinyathelo abantu bangaphandle abangenazo izincwadi.
Umthombo wesithombe: UNkhensani Mthombeni
