Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Manchester City iqhwakele phezulu ku-Premier League okokuqala ngqa kusukela ngoLwezi ngemuva kokunqoba ngamagoli amathathu kwelilodwa kwizimbangi zabo ezisondelene nesicoco i-Arsenal e-Emirates ngoLwesithathu.
Ngemuva kokwehlulwa i-Spurs e-North London ezinsukwini eziyishumi ezedlule, i-City ibisele ngamaphuzu amahlanu esicongweni. Kodwa iqembu likaPep Guardiola belazi ukuthi ukunqoba endaweni efanayo enkabeni yedolobha kuzobabuyisela esicongweni futhi bakwenze lokhu ngenkulu impumelelo.
Amaviki amabili okugcina emidlalo yeligi kungenzeka ukuthi ayisizile i-Citizens, kodwa ama-Gunners iwona abephethe umdlalo ekuqaleni futhi bekunomdlalo omkhulu obekumele udlalwe ngaphambi kokuthi kwenzeke noma yini.
UKevin de Bruyne ushaye igoli lokuqala phakathi nesiwombe sokuqala. Lelo bhola liqhamuke emoyeni, kodwa lo mdlali wase-Belgium ukhombise ikhono lakhe ngokushaya igoli lakhe lokuqala emidlalweni engu-16 yeqembu.
U-Ederson ushayisane no-Eddie Nketiah ngaphambi nje kwekhefu okwenze unompempe asondele. UBukayo Saka ushaye igoli okusize i-Arsenal ilingane ne-City.
Isiwombe sesibili bekuwumdlalo webhola ohluke ngokuphelele njengoba ompetha bezinza kancane futhi baqinisekisa ukuthi abadlali basebenzisa amathuba abawatholile
UGabriel ugeje iphasi kwathi i-City yasebenzisa lelo thuba elibonise uJack Grealish elifaka ekhaya kwaba amagoli amabili kwelilodwa.
U-Erling Haaland ube esenezezela ngemuva kokuthi ude Bruyne emsize okwesithupha kule sizini.
Bekuyigoli leligi lika-26, lalo mdlali waseNorway elinganisa irekhodi likaSergio Aguero lamagoli amaningi ngesizini eyodwa ye-Premier League kwi-Manchester City.
Ukuhlulwa kwama-Gunners kube okweshumi nanye kulandelana njengoba bebebhekene ne-City kuligi kanti lokhu ukuhlulwa kwabo isikhathi eside emlandweni wabo.
Igebe lokuhlala esicongweni lenziwa amaphuzu amagoli kuphela kanti i-Arsenal isenomdlalo esandleni kompetha.
Isithombe esingenhla: UJack Grealish noKevin de Bruyne
Umthombo wesithombe: @ManCity