Ikhotheme iNgonyama kaZulu

Lungani Zungu

ISilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ukhotheme eneminyaka engama-72 esibhedlela ngoLwesihlanu ekuseni ngemuva kokudunguzela isikhathi eside.

Izindaba zokudlula kukaNomthebe weSizwe ziqinisekiswe nguMntwana uMangosuthu Buthelezi.

Esitatimendeni, uMntwana uMangosuthu Buthelezi uthe: “Kungiphatha kabuhlungu ukuthi nginazise njengesizwe ngokukhothama kweNgonyama iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, iNkosi yesizwe samaZulu.

“Egameni leNdlunkulu, sibonga isizwe ngokuqhubeka nokuthandaza nokusixhasa kulesi sikhathi esinzima kangaka.”

Ukukhothama kweNgonyama kuza ngemuva kwezinyanga ezimbalwa ngemuva kokudlula emhlabeni kwendodana yakhe endala uLethokuthula Zulu ngoZibandlela.

Amazwi enduduzo alokhe engene njalo njengoba isikhotheme iNgonyama kaZulu, iSilo samaBandla uZwelithini osehole isizwe samaZulu iminyaka engama-50 ngemuva kokuthatha izintambo kuyise, iNkosi uCyprian Bhekuzulu kaSolomon owakhothama ngowe-1968.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthe, uphatheke kabi ngezindaba zokukhothama kweSilo Samabandla, iSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

“Ongangezwe lakhe uzokhunjulwa njengeNkosi ebithandwa kakhulu, ebinemibono futhi yaba neqhaza elibalulekile ekuzibandakanyeni kwamasiko, ubumbano lukazwelonke kanye nokuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natali futhi ngalokhu, kuthuthukise izwe lethu lonke.”

Bayede! Hlanga Lomhlabathi!

Umthombo wesithombe: Uhlinzekiwe

Izihloko zakamuva