Idolobha laseChina lizotshala imali edolobheni iNelson Mandela Bay

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Idolobha lase-China i-Zhuhai lisayine isitatimende senhloso yokutshala imali kumasipala waseNelson Mandela Bay ngoLwesibili.

Imeya kamasipala, uGary van Niekerk, uthe isivumelwano phakathi kwala madolobha womabili siwumphumela wokuvakasha kwakhe e-China noNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane.

“Kuyangijabulisa ukuthi siqala lolu hambo lokusebenzisana ne-Zhuhai,” kusho kanje. “Lobu budlelwano bumele igxathu elibalulekile ekuthuthukiseni ubudlelwano bethu bamazwe ngamazwe nokudala amathuba emiphakathini yethu.

“Ngokusebenzisana, singakwazi ukwabelana ngolwazi, siqhubekisele phambili ukukhula komnotho, sithuthukise nokuqonda kwezamasiko. Ngiyaqiniseka ukuthi lokhu kubambisana kuzoletha izinguquko ezinhle futhi kuqinise nobudlelwano phakathi kwamadolobha ethu.”

Uthe imininingwane ephelele yesivumelwano izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

UVan Niekerk uthe la madolobha amabili avumile ukusebenzisana ukuze kuqiniswe ubudlelwano bezomnotho kanye nokusebenzisana kwezimboni, ukudala amathuba emisebenzi kanye nokuthuthukisa ukukhula komnotho, ukuthuthukisa ukusebenza kwamachweba, kanye nokuthuthukisa ezokuvakasha.

Esontweni eledlule, uMabuyane kanye nezithunywa ezivela emikhakheni ehlukene yesifundazwe bavakashele izifundazwe ezintathu zase-China, okuhlanganisa nesifundazwe sesithathu ngobukhulu kuleli zwe, i-Zhejiang.

Lesi sivumelwano sihlose ukuheha izinkampani ezinkulu zase-China ezikhiqiza izimoto ukuba zize esifundazweni.

I-Coega Industrial Zone e-Gqeberha isivele iyikhaya labakhiqizi bezimoto base-China ababili, i-BAIC ne-FAW, edala amakhulu amathuba emisebenzi kulesi sifunda.

Esithombeni ngenhla: Imeya yaseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk kanye noYang Chuan, iphini lemeya eliphethe kuhulumeni kamasipala wase-Zhuhai, basayina isivumelwano ngoLwesibili ehholo ledolobha lase-Gqeberha.

Umthombo: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva