I-Ster-Kinekor ibashiye nesizungu abathandi bamafilimu ivala ama-Cinema e-Gateway

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuphelile ngama-Cinema ase-Ster-Kinerko enxanxatheleni yezitolo e-Gateway Theatre of Shopping eseThekwini njengoba evalwe emasontweni edlule.

Kumanje le nxanxathela imatasa ifuna inkampani entsha ezovala isikhala se-Ster-Kinerko njengoba kubukeka sengathi yiyo eqede ubudlelwano bokusebenza nalaba bakhombisi bamafilimu.

Ophethe ezokukhangisa e-Gateway Theatre of Shopping uNksz Ayesha Sewbaran uthe bazomemezela maduze inkampani entsha ezothatha izintambo.

Ngakolunye uhlangothi abakwa-Ster-Kinerko batshele isiteshi i-East Coast Radio ukuthi nakuba bekungesona isinqumo sabo ukushiya i-Gateway kodwa bahambe ngomoya omuhle futhi bayohlale behloniphana ngokusebenza okuhle ababenakho nale nxanxathela yezitolo.

“Okwamanje sihlela ukuthola ezinye izindawo esizosebenzela kuzo nesikholwa ukuthi zixobasezingeni elingaphezulu kwelaseGateway,” basho kanje.

I-Ster-Kinekor isiphume ezindaweni eziningana eThekwini okubalwa kuzo iMusgrave, i-Workshop neThe Wheel.

Lokhu kugcine kushiya abathandi bamafilimu dengwane futhi bengenazo izindawo zokuzijabulisa okungaba ezothando noma ezomndeni nabangani.

Kumanje i-Ster-Kinekor isele enxanxatheleni yezitolo yase-Pavillion kanti kuyavela ukuthi nakwezinye izifundazwe ibisiqalile ivala ama-Cinema kusukela kuhlasele iCovid -19.

Kulokhu kwase-Gateway kushaye kwezwela njengoba abantu bengene ezinkundleni zokuxhumana bebalisa ngezinkumbulo ababenazo ezimnandi abanye beveza nokuthi imishado yabo nemindeni yaqala kulama-Cinema ase-Ster-Kinekor.

Izihloko zakamuva