Dylan Bettencourt
I-FIFA izothola isinxephezelo esiyizigidigidi ezintathu ngenxa yokulahlekelwa izimali ngenkathi kukhona abenza ubugebengu bokukhwabanisa.
Umyango wokuvikela waseMelika (DOJ) uthe ibhodi lebhola lomhlaba wonke jikelele lizothola imali eyisinxephezelo kwimali etholakale kwizikhulu ebezenza ubugebengu bokukhwabanisa.
Izikhulu sezishushisiwe, kulandela izinsolo zokukhwabanisa okwaqalwa ngowezi-2015. Kusukela lapho bangama-50 abasolwa ababekwe amacala.
“Isimemezelo sanamhlanje siqinisekisile ukuthi imali entshontshiwe abaphathi bebhola abenza ukukhohlakala nalaba abekhangisayo abenza ubugebengu ababe nomhobholo izobuyiselwa lapho kufanele ibuyele khona futhi izosiza iqembu ukuba lithuthuke” kusho ummeli oyibamba laseMelika uJacquelyn Kasulis.
Imali etholakalile izofakwa kwisikhwama esisanda kusungulwa se-World Football Remission, inhloso yaso ukusiza amaqembu asafufusa ezweni lonke.
UMengameli we-FIFA uGiannie Infantino uthe uyathokoza futhi ujabule kakhulu ukuthi imali ethathwe ngobugebengu izobuya.
“Isizoqala isebenze ngendlela efanele, njengoba kwakumele kube njalo nasekuqaleni” kusho uGiannie.
U-Infantino ubonge umyango wokuvikela waseMelika ngokuzinikela kwabo uphinde ubasize ngokuthi i-FIFA isingakwazi ukusebenzisa le mali iphinde isize laba abayidingayo ezintweni zebhola.