Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi e-Eastern Cape uzosebenzisa u-R13-million ukusiza imindeni ngohlelo olubizwa ngeloKulondolozwa Kwemndeni.
Lolu hlelo luzofundisa futhi lusekele abazali ukuze baqinisekise ukuthi imindeni yabo iqinile futhi izingane zabo ziphephile.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi e-Eastern Cape, uBukiwe Fanta, uthe bangaphezu kuka-20 000 abantu abazohlomula kulolu hlelo.
“Le mizamo ihloselwe ukuqinisa imndeni, ukuvimbela ukuba sengozini, nokusiza imindeni ukuthi ikwazi ukuzimela,” kusho uFanta.
Ngaphezu kwalokho, abantu abangu-389 bazohlomula ohlelweni lokuhlanganisa lomnyango, olusiza ukubuyisela imindeni ndawonye ngemva kokuhlukaniswa yizinhlekelele zemvelo, ubugebengu, udlame kanye nokuhlukunyezwa emakhaya.
Isimemezelo somnyango siza ngemuva kwezigigaba eziningi esifundazweni kulo nyaka lapho omama abathathu bezibulele bona nezingane zabo ngenxa yobubha.
Lezi zigameko zenzeke e-Tsalaba Village, e-Tholeni e-Butterworth, nase-Port St Johns.
Ukhulumela i-DA kwezoThuthukiswa koMphakathi, uMarlene Ewers, weseke imizamo yomnyango futhi wathi ukuhlinzeka abazali ngezindlela zokunakekela izingane zabo nakho kubalulekile.
“Kubalulekile ukufundisa abazali indlela yokunakekela izingane zabo, futhi kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi bangakwazi ukuzondla, ikakhulukazi kulezi zikhathi ezinzima,” kusho u-Ewers.
Uphinde wanxusa ukuthi kusatshalaliswe kangcono amaphasela okudla ukuze kusizwe imindeni edonsa kanzima.
NgoLwezi 2023, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni wavuma ukuthi awenzanga okwanele ukuhlinzeka amaphasela okudla.
Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi e-Eastern Cape uBukiwe Fanta.
Umthombo: Facebook