I-DA isola umholi weMKP ngokushushumbisa umkakhe ukuyokwamukela imoto kuNgqongqoshe

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

IDemocratic Alliance KwaZulu-Natal isikhwele yadilika kumholi weMKP eSishayamthetho imsola ngokushushumbisa uNdlunkulu wakhe ukuba ayokwamukela imoto kuNgqongqoshe uThulasizwe Buthelezi ekubeni ebethi ayiphenywe indaba yalezi zimoto.

Lokhu kulandela ukuthi ngesonto eledlule uButhelezi enikezele uNdlunkulu weNkosi uPhathisizwe Chiliza waseMadungeni, okunguNoluthando Chiliza imoto kanokusho okuyiFord Ranger kanye namanye amakhosi eThekwini.

Le moto kanokusho ebalelwa ku-R800 000 iyingxenye yalezo ezingu-35 ezidluliselwa emakhosini ezizwe esifundazweni sonkana njengoba engu-300 esewonke, ukuze akwazi ukusebenza.

Umholi weDA eKZN uMnuz Sithembiso Ngema obewotha ubomvu uthi kuyichilo ukuthi iNkosi uChiliza yenze sengathi iyakugxeka ukunikezwa kwamakhosi ezizwe lezi zimoto kodwa kuthi kungakapheli ngisho amasonto amangaki bese eyamukela yena.

“Esikuqaphelile siyiDA ukuthi ngesikhathi lemoto sekufanele ayoyamukela uthumele uNdlunkulu wakhe. Lokhu kuyaxaka ngoba emasontweni angemangaki,iNkosi uChiliza neqembu aliholayo eSishayamthetho okuyiMKP,bebelwa bengazifuni lezi zimoto besho konke lokhu ongakucabanga kodwa futhi yena usehamba isinyenyela uthumela umkakhe ukuthi ayoyithatha. Njenge-DA le moto angayisebenzisi kodwa akayoyinikelela izinhlangano ezingenzinzuzo nezisiza abantu abaswele njengakoZululand, lapho abantu bengenamanzi nanemigwaqo,” kusho uNgema.

Uthe okuxakayo ukuthi Inkosi uChiliza wamukela lemoto nje kodwa uhola isigaxa semali eSishayamthetho esibalelwa ku-R1.4 million nokwenza bakholwe nawukuthi ngisho eyokuba inkosi yesizwe nayo uyayihola.

INkosi uChiliza ivele yagwaza kuDA yathi ikhuluma ambudane yepolitiki ephuphile neshubhile ngoba ayazi lutho ngobukhosi.

“Bakhuluma ipolitiki eshubhile ngoba nobukhosi abazilutho ngabo. Le moto ayemukelwanga yimi futhi akuyona eyami kodwa eyomkhandlu wesizwe njengoba uMnyango unikezela kwinkosi yezizwe ukuba isebenze ngalezi zimoto. Yingakhoke yemukelwe umkami okunguyena oyibamba bukhosi njengoba mina ngisesiShayamthetho. Okunye nje thina siyiMKP asikaze siphikisane nokunikezwa kwamakhosi izinsiza kusebenza. Kodwa esasikhala ngakho ukuthi uMnyango awenze lolu hlelo lubesobala futhi usicacisele ukuthi le mali ivelaphi ukuze amakhosi angazitholi esesehlazweni angalazi,” kusho iNkosi uChiliza.

Iphinde yakuveza ukuthi iDA iyanhlanhlatha ngodabalomholo wobukhosi ngoba konke kwathi uma ishenxa, kwathathwa ibamba bukhosi.

Izihloko zakamuva