Ngokwemibhalo iKaizer Chiefs inawo wonke amava okunqoba noma yiziphi izithiyo emdlalweni we-Caf Champions League ozayo.
BanoKhama Billiat, uRamahlwe Mphahlele noLeonardo Castro abanqoba le ndebe neMamelodi Sundowns ngowezi-2016.
Kukhona noBernard Parker, uItumeleng Khune, uEricsson Mathoho, uDaniel Akpeyi, uLazarus Nkambole, uAnthony Agay noWillard Katsande asebedlale imidlalo eminingi emazweni abo emincintiswaneni eyehlukene ezwenikazi laseAfrika.
Kodwa okubhalwe ephepheni, nokwenzeka enkundleni, akuyona into efanayo. Okubalulekile yilokho okulethwa yilabo badlali ngalolo suku.
IChiefs ifike e-Cameroon ngoLwesihlanu ekuseni kanti izobhekana nompetha bezwe iPWD Bamenda ngeSonto e-Omnisports Stadium e-Limbe ngehora lesine ntambama ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika. Lona ngumlenze wokuqala womzuliswano wokuqala.
UParker uthe, ukuba nabadlali abanesipiliyoni nabavela phesheya kuzosiza kakhulu ngeSonto.
“Abafana bajabule futhi balubheke ngabomvu lolu hambo. Okuhle ukuthi sinabadlali abambalwa bamazwe eqenjini abahambe ngekhefu le-Fifa ngesonto eledlule futhi bayalazi ibhola laphesheya kwemingcele. Okunye esikutholile ukuthi sinabadlali asebadlala kulo mqhudelwano phambilini futhi bayazi ukuthi yini esazolandela. Ngakho-ke akuyona into entsha, bonke abanye abadlali bake bahamba phambilini futhi bancintisana nezwekazi,” kusho uParker.
Kwelakuleli, Amakhosi aqale kabi isizini futhi adinga noma yimuphi umphumela omuhle kunoma yikuphi futhi uParker uyakwazi lokho kahle kakhulu.
“Kubalulekile kithina ukuqala lolu hambo sinamandla nomfutho futhi sakhe isisekelo esihle kwi-Champions League. Sidinga ukuguqula izinto sizikhiphe esimeni esikuso njengamanje,” kusho uParker.
“Okuhle ukuthi imimoya iphezulu futhi wonke umuntu ujabulile. Ngicabanga ukuthi sizokwazi ukubuya nomphumela omuhle e-Cameroon. Kodwa okubalulekile ukuthi sidinga ukuzilungiselela ngokomqondo njengoba kufanele sizilungiselele nangokomzimba.”
I-Chiefs igcine ukudlala kulo mncintiswano ngowezi-2016.
Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs