
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
I-ANC inqume ukuthi uNobhala wayo KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo axolise kwi-National Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu) ngemuva kokubiza amalungu ayo “ngamavila”.
I-Nehawu igqugquzela abasebenzi ukuba bayijoyine ezindaweni ezifana noMnyango wezaseKhaya, izibhedlela zikaHulumeni, ezeMfundo ePhake me neminye iminyango kaHulumeni.
UMtolo uthe baningi abantu baseNingizimu Afrika abangaphatheki kahle eMnyangweni wezaseKhaya ngenxa yamalungu e-Nehawu angamavila.
Ngesikhathi i-Nehawu ikhala ngenkulumo kaMtolo, uqale wenqaba ukuxolisa, okuholele ekutheni inyunyana ibamangalele bobabili uMtolo ne-ANC ifuna imali engu-R2-million ngokuyihlambalaza.
NgoMsombuluko, uNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uhlangane nabaholi abaphezulu be-Nehawu, okuhlanganisa nomengameli wale nyunyana, uMike Shingange.
UMbalula uthe: “I-ANC isinqume ukuthi uNobhala wesifundazwe saKwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, kumele axolise futhi ahoxise amazwi angemahle awasho nge-Nehawu namalungu ayo.
“Ngokunjalo, i-Nehawu nayo izohoxisa inselelo eyifake enkantolo ephikisana ne-ANC noNobhala wesifundazwe mayelana nalokhu.”
Ukuphawula kukaMtolo kuvivinye ubudlelwano phakathi kwe-ANC eKZN ne-Nehawu, nokuholele ekutheni amanye amalungu enyunyana acabange ukujoyina iqembu likaMnuz Jacob Zuma i-MK.
UShingange uthe i-Nehawu isadlelana ne-ANC kwezombusazwe kodwa waphinde wathi inyunyana ayikwazi ukulawula ukuthi yiliphi iqembu okumele lisekwe amalungu ayo ngesikhathi sokhetho.
Ubalule ukuthi nakuba amanye amalungu e-Nehawu ayeseka i-IFP phambilini, muva nje, amanye aseseka i-DA.
Inyunyana ikulindele futhi ukuthi amanye amalungu ayo angase ajoyine iqembu le-MK.
Osesithombeni ngenhla: Bheki Mtolo.
Umthombo: X