Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-ANC KwaZulu-Natal itshele amaciko ukuthi kuzomele azi ukuthi ikhotha eyikhothayo engayikhothi iyayikhahlela kulabo abababalekelayo njengoba besebunzimeni.
Lokhu kuvele ngesikhathi le nhlangano ihlangene namaciko ehlukene eThekwini muva nje ukuzobhunga ngezindaba eziwathintayo.
Abaculi abanye bebebuze ukuthi ngabe ayikho yini inkinga uma beqashwa amanye amaqembu ukunandisa emicimbini yawo.
UMnuz Mike Mabuyakhulu wesigungu sesikhashana eKZN uthe akukwazi ukuthi sebengasebenza nabantu abebengekho nabo nasebunzimeni.
“Phela ikhotha eyikhothayo. Ngakho kungabuhlungu uma sesibonakala nabantu abebengasebenzi nathi. Kuzona zonke izinto esizikhulumile, kumele sisebenze nabantu abebenathi,” kusho uMabiyakhulu.
UJoy Mbewana omele amaciko eKZN uthe noma kunjalo kodwa i-ANC ayibakhokhele uma beqashiwe.
“Uyabona nje uma siqashelwe ukuphosta ngenhlangano kuhle ukuba sikhokhelwe ngalowo msebenzi. Uyabona nje ukwenza isibonelo uma kuthiwa niqasha nangu ubaba uPhuzekhemisi ukuba aphoste izinto zeqembu njengoba enenqwaba yabalandeli. Kumele akhokhelwe ngalokho,” usho kanje.
Kuvela lokhu nje i-ANC bekunokukhala kwamanye amaciko ukuthi kuyenzeka ingakhokhi noma uma kwenzekile ikhokha sekudlule isikhathi uma kuqhathaniswa namanye amaqembu.
Abanye bathi kwesinye isikhathi ugcina unandisa mahhala ngoba unethemba lokuthi uzoqashwa emicimbini kaHulumeni.
Njengamanje i-ANC ithwele kanzima njengoba isele neminyango emithathu nje kuphela kuHulumeni ngenxa yokulahlekelwa amavoti kwangonyaka ka-2024.
Ngesikhathi isaphethe uHulumeni ngokugcwele abaculi bebesaba ukunandisa kwamanye amaqembu.
UDebra Fraser wakewagila izimanga eqashwe emcimbini weCope owawuseFree State.
Wathi uma efika kuwo wabona ukuthi kanti imcimbi wenhlangano, wacasuka akangavuma nokuphuma emotweni wabuyela emumva njengoba ayephumele obala ethi unandisa emicimbini kaKhongolose kuphela .
UMalusi Mbokazi uma eqashwe emicimbini ye-IFP, wayevele acashe, bese evumbuka uma eseyongena esteji.
Ngisho imoto wayeyifihla njengoba wakwenza lokho lomunye umcimbi wenyanga yabesifazane owawuseManzimtoti.
UDJ Tira yena wayengayivumeli iBig Nuz ukuba iyonandisa kweminye imicimbi yamanye amaqembu.
Kukhona lapho okuthiwa wabuyisela imali engu-R60 000 ayeqashwe ngayo ukuba alethe iBig Nuz eNkandla.
