Lubhalwe nguPalesa Matlala
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthi iqembu lizolandela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo futhi ngeke lisebenzise uhlelo lokuvikela uMengameli Cyril Ramaphosa.
Amalungu ePhalamende angu-31 azohlangana ngoMsombuluko ukuze akhethe uSihlalo futhi aqale uphenyo olusha ngemuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi iPhalamende lenze okuphambene nomthetho ngo-2022.
I-African National Congress ithi izolandela uMthethosisekelo uma iPhalamende seliqala uhlelo olusha lokuphenya uMengameli Cyril Ramaphosa mayelana nehlazo lasePhala Phala.
UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uzichithile izinsolo zokuthi iqembu elibusayo lifuna ukulawula uhlelo ngokuqinisekisa ukuthi elinye lamalungu ePhalamende nguSihlalo wekomiti.
Ubephendula ukugxekwa ngumholi weBuild One South Africa, uMnuz Mmusi Maimane, oxwayise ngokuthi kungase kuphazamiseke ukwethenjwa komphakathi ngophenyo uma kukhethwa ilungu le-ANC ukuthi liyihole.
UMbalula uthe i-ANC ngeke isebenzise iningi layo ukuvikela uRamaphosa.
“Ngeke singene ohlelweni lokususa icala ukuze sivikele umbiko,” kusho uMbalula.
“Sizongena ohlelweni oluholwa yisinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.”
Ukuphawula kwakhe kuza ngesikhathi iKomidi lePhalamende leSection 89 Impeachment lilungiselela umhlangano walo wokuqala ngoMsombuluko.
Ikomidi elinamalungu angu-31 lizokhetha usihlalo, lamukele uhlelo lokusebenza bese linquma ukuthi lizobuphatha kanjani ubufakazi ngesikhathi sophenyo.
Leli komiti lasungulwa ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo enkulu ngenyanga edlule.
Inkantolo ephakeme kuleli ithole ukuthi iPhalamende lenza okuphambene nomthetho ngesikhathi lichitha okwatholwa yithimba elizimele elaphenya ngehlazo lasePhala Phala ngo-2022.
Inkantolo iphinde yagxeka isiShayamthetho Sikazwelonke ngokuvimbela ukucutshungulwa okuzwakalayo kweziphakamiso zokuthi abekwe icala kanye nokwehluleka ukusebenzisa ngendlela efanele indima yalo yokwengamela.
Lesi sinqumo siphoqe iPhalamende ukuthi liqale kabusha uhlelo kusungulwe ikomiti elisha elizobheka ukuthi uRamaphosa unalo yini icala okufanele aliphendule.
Okuphakathi kwaleli hlazo wukwebiwa kwesamba esikhulu semali yangaphandle epulazini likaRamaphosa iPhala Phala eLimpopo ngo-2020.
I-Independent Panel ithole ukuthi kunobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi uRamaphosa kungenzeka ukuthi wephule umthethosisekelo nomthetho.
Kodwa-ke, uRamaphosa uyaphika ukuthi wenza okubi.
Njengamanje uMengameli uphonsela inselelo umbiko we-Independent Panel eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.
Uphikisa ngokuthi iphaneli ithembele ebufakazini benzwabethi, yaziba izimiso zomthetho ezibalulekile futhi yafinyelela eziphethweni ezinephutha.
Umphumela waleyo nselelo yenkantolo ungaba nomthelela omkhulu ekusaseni lezombusazwe ngodaba lwasePhala Phala.
Kusenjalo, amalunga athi iPhalamende kumele lenze umsebenzi walo ngokomthethosisekelo ngaphandle kokwesaba kumbe ukuchema.
Kulindeleke ukuthi ikomiti libeke izikhathi zokuqulwa kwamacala, linqume ukuthi ubufakazi buzokwethulwa kanjani futhi linqume ukuthi ofakazi bazobizwa yini.
IPhalamende ligcizelele ukuthi liyawuhlonipha umthetho futhi lizokwenza uphenyo ngokwezidingo zomthethosisekelo.
Njengoba ingcindezi yezepolitiki ikhula futhi ukunakwa komphakathi kugxile kulolu hlelo, umhlangano wangoMsombuluko kulindeleke ukuthi ubeke isisekelo kolunye lophenyo olubhekwe kakhulu ephalamende eminyakeni edlule.
Esithombeni esingenhla: UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula.
Umthombo wesithombe: ANC
