I-ANC eKZN ixwayisa ngokuthi laba abalwa nabokufika basazojikela abakuleli bebashayele ukuthakatha

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ANC KwaZulu-Natal ixwayise umphakathi ngokulwa nabantu abasezweni ngokungemthetho,yathi ubungozi obuzayo ukuthi uma kuqedwa kuzoshawa labo abasolwa ngokuthakatha.

Lokhu kuvele ngesikhathi le nhlangano inomgubho weminyaka engu-71 kwavunyelwana ngosomqulu weNkululeko obizwa ngeFreedom Charter, embuthanweni obukwaMshayazafe,eNanda.

Umdidiyeli kaKhongolose KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu uthe ukushaya abantu bokufika kuleli kuphambene nemigomo yeFreedom Charter eqinisekisa ukuthi bonke abantu abakuleli bayalingana ngaphambi kwengalo yomthetho.

“Uma sivumela ukungeneliseki kwethu, ukudinwa kwethu siyogcina sesidala into esingeke sikwazi ukuba siphinde siyilungise, futhi senze izwe lethu libe nyamanambana.

Namuhla kuzoba ngabokufika abangenamaphepha esizobaphuca amalungelo abo, kusasa kuyoba yilabo abanukwa ngokuthakathwa abayonqanyulezwa nabo ngaphandle kokulandela imigudu. Umbuzo ke uthi: “Siyogcina siphelelephi siyisizwe?,Kungakho-ke njengoKhongolose siyeseka futhi siyenanela inkulumo YeSilo SaMaBandla, iNdlulamithi YaMaKhosi, lapho sikhuza khona ukuthi lemibhikisho esinayo mayibe nokuthula, ingabi nodlame kanye nokuchitheka kwegazi.

INdlulamithi ithe nabo impela labo bokifika abatholakalayo ukuthi abanamapheoha, kumele bangalinyazwa futhi bangasatshiswa ngokulinyazwa kepha kuyekelwe ingalo yomthetho ukuba ibhekane,” kusho uMabuyakhulu.

Uqhube wathi izwe aliphathwa ngemizwa kepha liholwa ngobuhlakani. Uthi lokhu bakufundiswa nguDkt Nelson Mandela ngesikhathi kubulewe umholi wamaKhomanisi uMnuz Chris Hani.

Echaza uthe ngenxa yokuthi uMandela wayenobuhlakani nombono ojulile ngezwe,akazange aholwe yintukuthelo nemizwa.

“Njengoba sabona ngoNtulikazi ka-2021, kuba yilabo abangathathi ndawo abagcina behlukumezeka kakhulu uma kungekho ukuzinza futhi kunodungunyane ezweni. Emva kukaNtulilazi ka-2021 kwaphela imisebenzi, kwafa abantu, kwawa izinkampani, kwaphakama isihlava sobuhlanga, kwalimala ingqalasizinda, kwawa nomnotho,” kuchaza uMabuyakhulu.

Izihloko zakamuva