Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Inhlangano i-AfriForum isihlabe ikhwelo kuNdunkulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ukub angenelele empini yezigodi ethinta umbango weNkosi neziNduna zesizwe sakwaMpungose eqhubekayo eNkandla.
Le mpi isesigodini saseNkungumathe okuyilapho ibambene khona ngezihluthu.
UMnuz Barend Uys we-AfriForum uthe abakufisayo ukuba kunqandwe ukuchitheka kwegazi okunyonyobela lesi sizwe abanobudlelwano obuhle naso.
“Siyacela ukuba uNdunankulu waseKZN angenelele kulolu thuthuva oluhlalise kabuhlungu umphakathi waseNkungumathe ngoba esikubone kulamasonto edlule kusishayise ngovalo.
Thina esikufisayo ukuba kuvikeleke ubuholi beNdabuko nesithunzi kanye nomphakathi ongaphansi kwabo,” kuchaza u-Uys.
Uqhube wathi okubi ngale mpi ukuthi imkhokha yayo uma inganqandwa kuzokonakala inhlalo enhle yomphakathi kanti ibeka engcupheni nokuphepha kwezinduna.
Uthi isizwe sakwaMpungose eNkungumathe basebenze kahle kakhulu naso beyi-AfriForum baze basilekelela ngodaba lokwakhiwa kwesikole endaweni okwakubangwa umhlaba wokuba sakhiwe kodwa kwathi uma udaba belufaka enkantolo, bafike balunqoba.
Kwenzeka lokhu nje kuthiwa umbango ushisa phansi phakathi kweziNduna neNkosi yakwaMpungose okuthiwa isigcine izixosha lezi zinduna ezimbili.
Kuthiwa zisolwa ngetulo lokuzama ukuketula inkosi kanti okunye ukuthi zihambele inkosi ngemumva zibambe imihlangano zingayitshelile.
