Ezobugebengu ezifingqiwe: Owesilisa uboshelwe ukudubula abulale intombi yakhe

USbongile Nonyana wethula kafushane ezakamuva ezinohlonze zobugebengu ezenzeka eNingizimu Afrika yonkana. 

E-Ramotshinyadi – Amaphoyisa ase-Limpopo abophe owesilisa (53) ngemuva kwezinsolo zokudubula abulale intombi yakhe esigodini sase-Ramotshinyadi. Umufi (35) utholwe kamakhelwane enamanxeba okudutshulwa emzini. Umsolwa ubalekile endaweni yesigameko kodwa wabuye waboshwa kanti ubhekene necala lokubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Bolobedu ngoLwesithathu.

E-Bloemfontein – Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ukuze kutholakale uMamokete Jeminah Koloti osolwa ngamacala abucayi, ahlanganisa ukuthumba, ukugebenga, ukuzenza iphoyisa kanye nokuqola. Lona wesifazane (49) usolwa ngamacala enzeke ngoLwesine ngomhlaka-20 kuNhlangulana, eChief Moroka Crescent.

E-Mphephu – Owesilisa (58) uboshwe ngamaphoyisa ase-Mphephu e-Limpopo ngezinsolo zokugenca indodana yakhe (33) ngefosholo yaze yashona. Lesi sigameko esihlasimulisa umzimba senzeke ngoLwesine ngesonto eledlule esigodini sase-Maulama. Umufi utholwe enenxeba elijulile ekhanda kanti kuqinisekiswe ukuthi ushonile endaweni yesigameko. Amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu ashaye umsolwa ngaphambi kokuthi kufike amaphoyisa. Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Dzanani ngoMsombuluko ngecala lokubulala.

E-Kagisanong – Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ukuze kuhlonzwe owesifazane okutholakale isidumbu sakhe esigangeni eduze komgwaqo u-R702. Ubeshe ingxenye engaphezulu yomzimba, futhi ubenenxeba lokugwazwa ngaphakathi ethangeni lwesokunxele kanye nemihuzuko ethangeni langakwesokudla. Isidumbu sitholwe ngabo-10 ekuseni ngoMgqibelo.

E-Carolina – Owesifazane (22) uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kwezinsolo zokushiswa yisoka lakhe (34) ebelimthela ngoketshezi oluvuthayo. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa e-Carolina. Umsolwa uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Carolina ngoLwesine.

E-Welkom – Amadoda amathathu agwetshwe iminyaka engu-73 ebhadla ejele ngoMsombuluko yiNkantolo eNkulu yase-Bloemfontein. Laba abathathu, uDumisani Khumalo (38), uThobane Chaiphus Khuzwayo (48) kanye noNdlandla Sijele Sithole (51) balahlwe icala lokudubula onogada ababehambisa imali kwi-ATM. Babaleka nesamba semali esingadalulwanga kanye nesibhamu. Lesi sigameko senzeka ngoLwezi wango-2021.

Esithombeni esingenhla: Indawo yobugebengu. 

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva