Ezobugebengu Ezifingqiwe: Iphoyisa lizinikezele emaphoyiseni ngokubulala amadoda amabili

USbongile Nonyana ukulethela ezakamuva zobugebengu ezinohlonze ezenzeka eNingizimu Afrika.

EMbalenhle – Iphoyisa (31) lizinikele esiteshini samaphoyisa eMbalenhle ngokubulala amadoda amabili. NgeSonto, ngomhlaka-12 kuMasingana, isalukazi sithole abesilisa ababili bedindilizile eduze kwesibaya sezinkomo. Omunye wesilisa ubesaphila ngesikhathi lesi salukazi sibathola kodwa washona kamuva. Laba balisa bebesebenza emzini kamzala kaConstable lapho okwebiwe khona umabonakude. Umzala uye wacela uConstable obengasebenzi ngalolo suku emsebenzini ukuba asize, babashaya bobabili laba besilisa babashiya khona lapho. Amaphoyisa asathungatha umzala. UConstable uzovela enkantolo maduze.

E-Ladybrand – Amaphoyisa ase-Free State abuyise abasolwa ababili base-Lesotho ngelokubulala. La madoda, aneminyaka engu-30 nengu-32, abanjwa e-Lesotho ngoNtulikazi nyakenye ngokubulala abantu ababili e-Maseru Bridge Border Post ngomhlaka-11 kuNhlangulana nyakenye. Amaphoyisa athola isidumbu sikaMohodi Mohapi (31) noRebone David Sephaka (40) erenkini yamatekisi. Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Ladybrand ngomhlaka-13 kuMasingana.

E-Bushbuckridge – Amaphoyisa abophe owesilisa (20) ngokudlwengula intombazane ekanye namanye amadoda ayisithupha. NgoLwesine, mhla ziyishiyagalolunye kuMasingana, la madoda ahlasele intombazane (17) endaweni yokucwala izinwele e-Bushbuckridge. Ngesikhathi umnikazi wendawo ephuma kule ndawo, bahudulele intombazane egumbini eliseduzane base beyidlwengula ubusuku bonke. Le ntombazane isindiswe umuntu obedlule ngendlela ngakusasa ekuseni futhi wabona umsolwa oyedwa. Umsolwa oboshiwe uvele enkantolo kanti amaphoyisa esathungatha amanye amadoda ayisithupha.

E-Vryburg – Amaphoyisa ase-North West abophe owesilisa (40) ngemuva kokuthola isidumbu sentombazane sigqitshwe ethuneni elingashoni. Amaphoyisa athole isidumbu sikaBoingtlo Makaota (16) eduze nomfudlana, kune bhala kanye nefosholo eduzane. Umakhelwane uzwe owesifazane ekhala endlini yale ndoda ngayizolo. NgeSonto, ngomhlaka-12 kuMasingana, abantu babone umsolwa nomngani wakhe bephusha into efihliwe ngebhala. Umsolwa uzovela enkantolo maduze.

E-Polokwane – Amaphoyisa ase-Limpopo azingela isiboshwa uThembinkosi Gift Mabunda (24) owabaleka ngemuva kokuvela enkantolo yase-Malamulele. UMabunda, wasesigodini sase-Hasani Mbalati, weqe ngoLwesihlanu mhla ziyishumi kuMasingana. Ubhekene namacala amaningi, okubalwa awokuduna imoto. Onolwazi ucelwa ukuba ashayele esiteshini samaphoyisa sase-Malamulele, i-Crime Stop ku-0860010111 noma asebenzise i-MySAPSApp.

Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva