USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze esifundazweni.
EMgungundlovu – Umndeni wakwaManyoni eMgungundlovu ukhathazekile ngendodana yawo uSbonga Manyoni (22), olahleke eKapa cishe enyangeni edlule. USbonga wanyamalala mhlaka-20 kuNcwaba ngemuva kokushiya i-Cape Town College City Campus. Naphezu kokumbheka, akakatholakali.
E-Richards Bay – IDolobha laseMhlathuze eliphethwe yi-IFP lizosiphikisa isinqumo esivimbe ukuthi linqamule imali yesikhathi esengeziwe yabasebenzi abahola ngaphezu kuka-R241,110 ngonyaka kuze kube uNhlangulana 2025. Banquma ukulidlulisela phambili icala ngemuva kokuthola izeluleko zomthetho mayelana nesinqumo sikakhomishana.
EMgungundlovu – Umgcinimafa wesifundazwe uthengela abaphathiswa besifundazwe izimoto ngendlela engeke imoshe izimali zomphakathi. UMphathiswa uFrancois Rodgers uthi bazosebenzisa u-R12-million kuphela, bonge u-R27-million ngonyaka.
ENkandla – Uphiko lwentsha lwe-MK esifundeni iKing Cetshwayo lusole i-IFP ngokusebenzisa izinsiza zikamasipala waseNkandla ukukhankasela ukhetho lokuchibiyela lwangoLwesithathu kuwadi 4. I-MK, i-IFP, kanye ne-ANC bonke bafaka amagama abantu abazongenela ukhetho. Phambilini i-IFP ibiphethe le wadi.
KwaNongoma – Ibamba lesikhulu sezimali kumasipala waKwaNongoma lishiye phansi ngemuva kwesonto liqalile. UMnuz Mzwandile Dube wesule esikhundleni ngoba uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni ungabaza isipiliyoni sakhe. Uthe ushiyile ukuze agcine “ukuthula nobuqotho”.
Osesithombeni ngenhla: Olahlekile uSbonga Manyoni.
Umthombo: Sithunyelwe