EzaseKZN ezifingqiwe: Isikhulumi se-IFP kumele ‘sichaze’ ngenkulumo yaso

USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni. 

E-Vryheid – USomlomo we-IFP kumasipala waseBaqulusi (e-Vryheid), uNonkululeko Ndlela, usenkingeni ngemuva kokuphawula kwakhe emngcwabeni kalowo obeyimpimpi kanye nesishoshovu se-EFF eMondlo. UNdlela kuthiwa uthe ukunikwa abangani nezihlobo zabaphathi imisebenzi kuyinto ejwayelekile komasipala bezifunda eziphethwe yi-IFP njengaseBaqulusi naseZululand kodwa kuhlale kushaywa indiva ngoba basemakhaya. Kuthiwa uphinde wakhuluma ngenkohlakalo. Manje i-IFP isimcele ukuthi achaze ngenkulumo yakhe yangeSonto.

E-Bergville – Umasipala wesifunda sasoThukela usuphothule uhlelo lwamanzi oKhahlamba oludle izigidi zamarandi ngaphambi kwamaholidi kaZibandlela. IMeya iNkosi uNtandoyenkosi Shabalala inikezele lolu hlelo ngoLwesine. Uhlelo olusha lwamanzi kulindeleke ukuthi lusize ekuswelekeni kwamanzi ezigcemeni ezintathu futhi luthuthukise imboni yezokuvakasha yakuleli. Lolu hlelo luphuthunyiswe ngemuva kwenkinga enkulu yamanzi ehlasele le ndawo ngoZibandlela.

ENtuzuma – Ilokishi laseNtuzuma, enyakatho yeTheku, sekuphele amasonto amabili lingenamanzi. Izakhamuzi zitshele i-Scrolla.Africa ukuthi nakuba zikujwayele ukunqanyulwa kwamanzi, kodwa lesi sikhathi sesiside kakhulu selokhu kwahlasela izikhukhula ngoMbasa 2022 zalimaza ukuthola kwazo amanzi. Ikhansela lendawo kuthiwa litshele izakhamuzi ukuthi alazi ukuthi yini imbangela yale nkinga kodwa lizobheka kumasipala weTheku bese libazisa.

E-Kranskop – Inkosi uMpendulo Ngubane, (24), waseMbovini Community, e-Kranskop, obhekene nezinselelo zobuholi bakhe, uchazele iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuthi waba kanjani umholi ephendula inselelo ayiphoselwe uNqubeko Ngubane. UNgubane uveze ukuthi uyise ongasekho, iNkosi Themba Ngubane, washiya incwadi yefa ngoMandulo 2012, yamqoka ukuthi kube nguye ozongena esikhundleni sakhe.  Uqhube wathi kuyinto ejwayelekile esizweni sabo ukuthi inkosi ikhethe ozongena esikhundleni sayo, wathi uyise naye wakhethwa nguyisemkhulu.

EMgungundlovu – UMqondisi-Jikelele KwaZulu-Natal, uDkt Nonhlanhla Mkhize, usecele iNkantolo eNkulu yaseThekwini ukuthi ihlukanise icala lakhe nabanye abasolwa abangu-16 ecaleni lenkohlakalo laseMhlathuze Water Board.  Emaphepheni asenkantolo atholwe ngabakwa-Scrolla.Africa, uMkhize uthe icala elibhekene nabanye abasolwa “likhulu kakhulu” njengoba libandakanya ofakazi abangu-48. Ubuye wathi lingathatha iminyaka engaphezu kwemibili ukuqedwa futhi kufanele kuqulwe icala lakhe ngokushesha ngokuhambisana nomthethosisekelo.

Esithombeni ngenhla: I-IFP ifuna izimpendulo kuSomlomo uNonkululeko Ndlela.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva