Bebebhekene nezinkinga abadlali beFormula 1 koweMelbourne Grand Prix

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo


Noma kube nezinkinga eziningi, kodwa i-Melbourne Grand Prix yase-Australia ibiwumjaho owuchungechunge obujabulisa kakhulu.

Omunye wemijaho ye-Grand Prix ebijabulisa kakhulu e-Melbourne, e-Australia woniwe izinkinga eziningi ebezilokhu zivela.

I-Australian Grand Prix sekuyiminyaka eminingana ikusasa layo libonakala lifiphibele futhi yayisesengcupheni yokukhishwa ekhalendeni.

Nokho izinguquko ze-track ngosizo lwalowo owayengumshayeli we-Fomula 1 uDaniel Ricciardo owenze umehluko omkhulu futhi wavumela ukudlulwa kaningi kuwo wonke umjaho.

Lo nyaka uwubufakazi kwalokhu njengoba kube nenqwaba yezinyathelo ebezenzeka zama-drag reduction zone (DRS).

Lo mjaho ushintshile ngesikhathi u-Alex Albon ephuma endaweni yesithupha. Ubegijima ngendlela encomekayo ngaphambi kokuba aphazamiseke azithole esezihlanganisa nodonga. Umgwaqo ububheda kwi-track futhi iwona onezele izinkinga kulo mjaho.

Bekuyisinqumo lapho abashayeli abaningana abebezibuza umbuzo ngaso futhi abashayeli abafana noCarlos Sainz we-Ferrari, uGeorge Russel we-Mercedes kanye no-Esteban Ocon we-Alpine bebengajabule ngesinqumo njengoba bebemise ukufaka amathayi aqinile kuma-laps ambalwa ngaphambili.

Ukuqala kabusha komdlalo obumile kube umphumela omuhle futhi umjaho uqhubekile kwaze kwaba nokwehla kwamandla kuRussel kanti lokhu bekukhombisa izinkinga lo mjaho obubhekene nazo.

Umshayeli wase-Britain ubegijima endaweni yesithathu futhi ubefisa ukuvela kwi-podium.

Umjaho obumile uphinde waqhubeka noMax Verstappen we-Red Bull engaphambili.

UKevin Magnussen ashaye udonga ngesikhathi sesigaba sesibili, walahlekelwa isondo langemuva kwesokunxele kanti lokhu kwandise izinkinga ebezivele zikhona.

Sekusele amahlandla amabili, umjaho obumile uqhubekile obekukhombisa ukuqala kwezinkinga ezinkulu.

USainz uthinte ingemuva lika-Aston Martin ka-Fernando Alonso ne-Alpine kaPierre Gasly bavaleleka endaweni eyodwa.

UGasly ubuyele ku-track wavimba uzakwabo u-Ocon, bobabili bashayeka odongeni kanti lokhu kuqede umjaho wabo nalapho bekusabusa zona izinkinga.

UGasly ubedlala kahle kwi-Grand Prix egijima endaweni yesihlanu ngaphambi kukaSainz futhi ezama ukufica u-Alonso, kodwa usuku lwe-Alpine bese luphelile.

Okubi nakakhulu umdlalo ubungakaphothulwa ngakho-ke, umyalelo wokuqalwa kabusha uqalwe ngaphandle kwe-Alpines njengoba zombili izimoto zabo bese zilimele.

USainz uthole iphenalthi ye-lap ebingekho wasiza uVerstappen awine i-Grand prix yokuqala e-Australia noLewis Hamilton waphuma isibili no-Alonso waphuma endaweni yesithathu.

Ukuqala kwangehora lesikhombisa ekuseni kube nzima kubalandeli bakuleli, kodwa umjaho ubuwanele ukubagcina bengalali ubsuku wonke ngaphandle kwe-espresso.

Isithombe esingenhla: Umjaho obunezinkinga eziningi

Umthombo wesithombe: I-F1

Izihloko zakamuva