Bawuqale kabi unyaka abafundi base-EC

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Unyaka omusha wokufunda e-Eastern Cape wonakaliswe yizinselelo eziningi ngoLwesithathu ezivela emifuleni egcwele amanzi ngenxa yezikhukhula, imigwaqo eshibilikayo, udlame lwamatekisi, izindlu zangasese zemigodi kanye nenkinga yokungabibikho kwezithuthi ezihambisa abafundi okubaphuca usuku lokuqala oluyimpumelelo empilweni yabo.

E-Port St Johns lapho kube nezigameko zokudutshulwa kwabantu abayisithupha kwalimala abaningi kusukela kubheduke udlame ngesonto eledlule, umqondisi woMnyango wezeMfundo esifundeni i-OR Tambo Coastal, uDkt Bongi Peyana ukhiphe isaziso esithi izingane akumele zize esikoleni okwamanje. 

Kwezinye izikole zasemakhaya, abafundi abaningi bebevaleleke ngaphesheya kwemifula egcwele neyingozi njengoba imvula enamandla ihlasele.

USihlalo wenhlangano yothisha esifundazweni i-National Professional Teachers’ Organisation of South Africa (Naptosa), uLoyiso Mbinda uthe kuyaphoxa ukuthi namanje abafundi abaningi basemakhaya basabhekana nezinselelo ngenxa yesimo sezulu.

Abanye abafundi basale dengwane njengoba ezokuthutha zigcine zingafikanga kwezinye izindawo, kuthiwa abashayeli bebengakazitholi izinkontileka zabo zonyaka.

Amaqembu aphikisayo nawo agxeke uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape ngezinhlelo zawo zokususa izindlu zangasese zomgodi ezikoleni ezingu-50 kuphela kwezingu-427 zasemakhaya esifundazweni.

Njengoba kuvulwe izikole ngoLwesithathu, iningi labafundi ezikoleni zasemakhaya bazithola sebezifaka engozini yokuwela emathoyilethi omgodi baze basebenzise izihlahla eziseduze ukuze bazikhulule.

UMnyango wezeMfundo esifundazweni uthe uzibekele umgomo wokuqeda amathoyilethi omgodi ezikoleni ezingu-50 kulo nyaka wezimali.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMalibongwe Mtima, uthe bajwayele ukwenza ama-projections ngemuva kokuthola isabelomali sonyaka.

“Sizokwazi ukushintsha angu-50 ngokwemali esizoyithola kuMgcinimafa kazwelonke,” kusho uMtima.

Ephendula umbuzo esiShayamthetho sesifundazwe kaMnuz Horatio Hendricks we-DA, uMnyango uthe bangu-113,041 abafundi basezikoleni ezingu-427 okusamele basebenzise amathoyilethi , ngokwezibalo zabafundi bango-2023.

UHendricks uthe: “Abafundi babhekene nobunzima njengoba bephoqeleka ukuzikhulula emahlathini aseduze lapho besengozini enkulu yokunukubezwa ngokocansi noma bashaywe izinyoka noma baguliswe amagciwane.”

Uthe amathoyilethi omgodi aziwa ngokudala izihibe zokushona, ikakhulukazi kubafundi abancane.

“Izihlalo zezindlu zangasese zomgodi ngokuvamile azilingani nabo ngakho bangawela kalula emigodini. Ezikoleni ezingu-427, ezingu-141 ezamabanga aphansi,” kusho uHendricks.

UNobhala we-UDM esifundazweni uMnuz Nkosinathi Ndlodaka naye ugxeke uhulumeni ngokusalela emuva ekuqedweni kwezindlu zangasese zomgodi.

Esithombeni esingenhla: Izindlu zangasese zomgodi. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva