Basabela izimpilo zabo abaphuza amanzi anoketshezi oluyingozi

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Kuthiwa izakhamizi zase-Penhalonga okuyindawo yezimayini zegolide esifundazweni sase-Manicaland ziphuza amanzi anoketshezi lwe-mercury ne-cyanide.

I-Environmental Management Authority (EMA) yalele ukuthi imisebenzi yezimayini kule ndawo ivalwe ngoMasingana ngemuva kokuthi kutholwe uketshezi lwe-mercury ne-cyanide e-Lake Alexander.

Lesi sinqumo senziwe ngemuva kokushona kwabasebenzi abangaphezu kuka-20 ezinyangeni ezingu-13, kodwa abanikazi bemayini abamba igolide ngokungemthetho basaqhubeka nomsebenzi wabo.

Isakhamuzi sase-Penhalonga uMnu Isaac Nyana (30) uthe uhulumeni kumele angenelele ngokushesha ngoba basabela ukuthi amanzi angcolile aphazamisa imfuyo yabo kanye namalungu omphakathi.

“I-Cyanide ne-mercury ziyingozi empilweni ngakho akumele zifakwe emifuleni njengoba kwenziwa ngabanikazi bezimayini. Lokhu bakwenza ngoba akekho olawula ukusebenza kwabo futhi sesithola amanzi ancolile kompompi bethu,” esho.

Wengeze wathi abakwa-EMA kumele bathwale icala ngoba bayalwazi lolu daba kodwa abalulungisi ngamabomu.

Usihlalo we-Penhalonga Residents and Ratepayers’ Association, uWeston Makoni uthe kuyakhathaza uma kutholakala umphathi wamakhemikhali ayingozi emanzini okuphuza asendlini.

“Impilo yethu isengcupheni nemfuyo yethu nayo isengcupheni ngoba ichibi yilona elisiphakela amanzi ngakho sidinga ukungenelela okuphuthumayo njengoba laba banikazi bezimayini beqhubeka nokungcolisa umthombo wethu wamanzi,” esho.

Umphathi wezokufunda kwezemvelo kwa-EMA, u-Amkela Sidange uthe bayawazi umthelela wemvelo 

odalwa abavukuzi kanye nazo zonke izinkampani zezimayini ezisebenza ngaphandle kwezitifiketi ze-Environmental Impact Assessment (EIA).

“Ukusebenza ngaphandle kwesitifiketi se-EIA akukho emthethweni yingakho imiphakathi ikhala ngokusebenza kwabo ngoba abahambisani nemithetho yethu yezemvelo,” esho.

“Muva nje esifundazweni i-Mashonaland East sivale izimayini ezimbili esifundeni sase-Goromonzi ngenxa yokusebenza ngaphandle kwezitifiketi ze-EIA. Izinkampani i-TN Gold ne-Shengxiang Mining Investment zombili ziye zahlawuliselwa ukusebenza ngokungemthetho,” esho.

Esithombeni esingenhla: Iqembu lozamazama lihluza amatshe alo e-Lake Alexander

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva