Bakhala ngengqalasizinda engalungile kwezase-Limpopo

Nkhensani Mthombeni

Sekuneminyaka i-Limpopo ikhungethwe yizingqinamba zengqalasizinda kanti kubukeka sengathi kusekude ukuthi izinto zilunge.

Ezinyangeni ezintathu ezedlule izikole ezine zivaliwe ngenxa yokukhathazeka ngezokuphepha nengqalasizinda ewohlokayo.

Esikoleni sesihlanu kuvalwe amakilasi ambalwa ukuvikela abafundi.

NgoMbasa, isikole samabanga aphansi i-Kgwatlhele e-Mokopane sivalwe uMnyango wezokuQashwa nezabaSebenzi (DEAL) ngenxa yokuthi amakilasi awaphephile. Amanye amakilasi abenezindonga ezicekeleke phansi kangangokuthi umuntu ubekwazi ukubona okungaphakathi ngemifantu engaphandle.

Ngomhlaka-26 kuNhlaba, kuvalwe  ibhulokhi elinamakilasi amahlanu esikoleni samabanga aphansi i-Mbetana esigodini sase-Sedan ngaphandle kwase-Tzaneen ngenxa yezakhiwo ezihohlokile.

I-Scrolla.Africa sivakashele kule ndawo safica amanye amakilasi enemifantu esuka ophahleni ehla ngodonga aze ayofika phansi kanti uphahla belubukeka sengathi lungadilika noma yinini.

Namanje akuvumelekile ukuthi leli bhulokhu lisetshenziswe kodwa akukho okwenziwe.

Ngomhlaka-27 kuNhlaba, isikole samabanga aphezulu i-Sigonde e-Musina sivalwe ngemuva kokuthi sigcwale amalulwane nokuthi isakhiwo asikho esimweni esifanele.

Okhulumela uMnyango e-Limpopo, uLerato Mashamba, uthe abahloli baphinde bathola ukuthi bangu-50 abafundi abalova esikoleni ngenxa yokugula, okubikwa ukuthi kubangelwa yilesi sigameko.

Amanye amakilasi esikoleni samabanga aphansi i-Ratjeke e-Bolobedu avaliwe ekuqaleni kwale nyanga ngoba i-DEAL ikhala ngokuthi isikole sisesimweni esibi kakhulu.

Amabhilidi amabili adilikayo kanye namakilasi angomahamba nendlwana amabili ashile kanti akuvumelekile ukuwasebenzisa.

Izakhiwo eziwohlokayo zisengcupheni yokuwa.

Ngokwe-DA, ngoLwesithathu mhla ziyisishiyagalombili kuNhlangulana isikole sithole amakilasi amasha angomahamba nendlwana ngemuva kokuthi iqembu livakashele ehhovisi likaNgqongqoshe lifuna ukuthi isikole sibekwe eqhulwini. Amakilasi angomahamba nendlwana asetshenziselwa ukufundisa nokufunda.

Ngesonto eledlule isikole samabanga aphezulu i-Jack Lavhengwa e-Makhado naso sivaliwe ngenxa yokwephula uMthetho wezeMpilo nokuPhepha Emsebenzini.

Lesi sikole sinabafundi abangu-250 nothisha abangu-24 abebesebenzisa izindlu zangasese zomgodi ezingenalo uphahla, izicabha kanye nama-toilet paper.

Ngokusho kukaMashamba, amakilasi angomahamba nendlwana awanalo uhlaka olufanele futhi isikole asinaso isitifiketi esihambisana nokufakwa kukagesi noma uhlelo lokuhlola ingozi. Isicishamlilo saso sagcina ukusebenza ngo-2008.

I-DEAL inikeze zonke izikole izinsuku ezingu-60 zokulungisa izinkinga.

UMnyango wezeMfundo e-Limpopo wabelwe u-R1,534-billion wengqalasizinda ngonyaka wezimali wango-2022/2023.

Okhulumela uMnyango uTidimalo Chuene Limpopo akakwazanga ukuphawula ngesikhathi ebuzwa ukuthi uMnyango wenzani ukuxazulula izinkinga zengqalasizinda esifundazweni.

Izihloko zakamuva