Bafuna ehle esikhundleni uMabuyane abamsola ngokuthatha imali yesikhumbuzo alungise umuzi wakhe

Lungani Zungu

UNdunankulu esifundazweni sase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane ufakelwe inselela umvikeli womphakathi uBusisiwe Mkhwebane ngombiko onezinsolo ezithi wasebenzisa imali eyizi-R450,000 okwakumele kube ngeyesikhumbuzo salowo owayeyisishoshovu somzabalazo uWinnie Madikizela-Mandela, kodwa wayithatha leyomali walungisa umuzi wakhe. 

Ngesikhathi enengxoxo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izandla zakhe zimsulwa. 

Uthe kukhona abantu abajoyine umkhankaso wokucekela phansi igama lakhe kanye nesithunzi sakhe ukuze bamkhiphe njengoNdunankulu. 

“Angeke baphumelele ngoba alukho olubi engilwenzile, angizange ngizuze lutho kuleyomali okwakumele ikhokhele isikhumbuzo sikamama uWinnie Madikizela-Mandela.”

Njengoba kukhona abanukelwa igazi lakhe, akukacaci kahle ukuthi uMabuyane uzobambelela isikhathi esingakani esikhundleni sakhe njengosihlalo weqembu le-ANC aphinde abe nguNdunankulu esifundazweni sase-Eastern Cape. 

Kumbiko wakhe, uMkhwebane ufaka uMabuyane kanye noNgqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi, uBabalo Madikizela, ngokwenza okungakungile baphinde basebenzise imali eyizigidi ezi-3,3 zamarandi budedengu okwakumele isebenze kwisikhumbuzo sikaMadikizela ngoMbasa ngonyaka wezi-2018.

Ubeka uMabuyane izinsolo zokuthi wasebenzisa imali eyizi-450,000 zamarandi ukuze alungise umuzi wakhe. 

Ngaleso sikhathi, uMabuyane wayenguNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho, ezemvelo kanye nezokuvakasha. 

Abaningi bafakela uMabuyane inselela yokuba ehle esikhundleni njengoNdunankulu kanye nosihlalo weqembu le-ANC esifundazweni sase-Eastern Cape. 

Iqembu limyalele ukuba avele phambi kwekhomishini yezobuqotho esifundazweni. 

“Ngizoya ukuyovela phambi kwekhomishini  yobuqotho ngiyobeka udaba lwami ngoba angenzanga lutho olubi. Ngizotholakala ngimsulwa ekugcineni,” kusho uMabuyane. 

Uthe izimpi zakhe wakhelwa uzungu izitha ezikhona eqenjini le-ANC ezifisa ukuqeda ngekusasa lakhe kanye nomsebenzi wakhe wezepolitiki. 

Amanye amaqembu anukelwa igazi lakhe. 

Iqembu le-Democratic Alliance (i-DA) libambe umbhikisho e-Nelson Mandela Bay ngoLwesithathu, befuna uMabuyane ehle esikhundleni. 

Iqembu le-Pan Africanist Congress (i-PAC) nalo selijoyine lo mbhikisho bafuna uMabuyane aphume.

UMengameli weqembu le-EFF uJulius Malema uvulele uMabuyane icala esifundazweni sase-Eastern Cape. 

Izihloko zakamuva