Lubhalwe nguRorisang Modiba
UTumi “Gogo Skhotheni” Motsoeneng ukhala ngokulahlekelwa yindodana yakhe esencane, uMonde Jr Shange, oshone ngoMsombuluko ngemuva kokuhlala cishe iminyaka emibili egunjini labagula kakhulu esibhedlela.
Umbhalo ku-Instagram uthe: “Kungukudabuka okukhulu ukuthi umndeni wakwaMotsoeneng nowakwaShange uqinisekise ukudlula emhlabeni kukaMonde Jr Shange … ngoMsombuluko mhlaka-2 kuMandulo 2024, e-Busamed Modderfontein Private Hospital.”
Isitatimende esikhishwe ngoLwesibili siziqinisekisile lezi zindaba ezibuhlungu futhi sacela ukuba kunikezwe umndeni isikhathi sangasese ukubhekana nokudlula emhlabeni kwengane yawo.
Isangoma esaziwayo kanye nomsakazi we-podcast nophinde abe ngu-DJ siveze ukuthi sawenza kanjani umdwebo esikhunjeni (tattoo) sendodana yayo ukuze izizwe ixhumene naso kakhulu njengoba ibisesibhedlela.
“Ngenza lo mdwebo ukuze ngizizwe ngixhumene naye futhi ngimbonise uthando ngoba kunzima ukuveza imizwa yami kuye elele embhedeni yesibhedlela usuku lonke,” etshela i-TshisaLIVE. “Into enhle ngendodana yami, ibihlale imamatheka njalo. Ukumamatheka kwakhe bekuphilisa. Bengiya esibhedlela ngiyomduduza, kodwa kube nguyena ogcina engiduduza.”
Yize bekunezingqinamba uGogo Skhotheni ubenethemba lokuthi kulo nyaka uzobuya naye uMonde Jr ekhaya.
“Kube wuhambo olunzima kithina sonke njengomndeni kodwa impilo kumele iqhubeke. UMonde Jr wazalwa engenalo ishubhu eliyisa ukudla esiswini, ngakho wahlinzwa kaningi. Odokotela bazamile ukwenza isiqiniseko sokuthi uyadla kodwa bahluleka bagcina bemfake ipayipi kanti ubesebenzisa umshini ukuze adle,” kusho uGogo Skhotheni.
Kucashunwe umbhalo weBhayibheli esitatimendeni se-Instagram:
Amahubo 23:4 ayasikhumbuza ukuthi, ‘Noma ngihamba esigodini sethunzi lobumnyama, angesabi okubi, ngoba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
Osaziwayo nabanye bahlanganyele ukweseka uGogo Skhotheni embhalweni waku-Instagram.
“Kulungile, mama, yima isibindi,” kubhala uDoromony Empire.
“Nxese ngokulahlekelwa kwakho sisi Tumi,” kubhala uRealsoulfulg.
“Njengomzali, lokhu kungiqeda amandla enhliziyo ngoba angazi ukuthi ngizoqala ngaphi … ngidlulisa amazwi enduduzo kubazali nomndeni walo mfana omuhle,” kusho uKekemphuthi_Official.
Abasesithombeni ngenhla: UGogo Skhotheni kanye noMonde Jr Shange.
Umthombo: Instagram
