Amavukelambuso e-M23 ahlasele izindawo eziseduze nedolobha lase-DRC e-Bukavu

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Bangaphezu kuka-500,000 abantu asebebaleke emizini yabo kulo nyaka njengoba amavukelambuso e-M23 ehlasela izindawo ezise-eastern DRC, aphoqa imindeni ukuthi ingene kumakhephu aminyene.

Ukulwa sekuphinde kwaqala futhi eduze nedolobha lase-Bukavu, nokwenza abantu bashiye amakhaya abo bavale izitolo nezikole.

Amavukelambuso e-M23 agasele edolobheni i-Bukavu e-eastern DRC ngemuva kokuthi amavukelambuso ehlasele isigodi sase-Ihusi ngoLwesibili ekuseni.

Leli dolobhana liqhele ngamakhilomitha angu-40 ukusuka esikhumulweni sezindiza esibalulekile samasosha kanye no-70km ukusuka edolobheni lase-Bukavu.

Lokhu kuhlasela kuza ngemuva kokuthi abaholi abangu-24 base-Afrika behlangene e-Tanzania ngempelasonto edlule bezama ukunqanda ukulwa. Kodwa izicelo zabo zokuthula zishaywe indiva.

Amavukelambuso e-M23, athola usizo e-Rwanda, athuthele e-South Kivu ngemuva kokuthatha izintambo zokulawula idolobha lase-
Goma ngenyanga edlule. Kushone abantu abaningi kulokho kuhlasela.

Abantu base-Bukavu bathukile futhi nezikole zivaliwe ngoLwesihlanu imindeni eminingi ibalekile. Abanikazi bezitolo nabo bawavalile amabhizinisi abo.

Intatheli ye-Al Jazeera uMalcolm Webb uthi abantu base-Bukavu bakhathazekile ngokuthi amavukelambuso azokwenzani ngokulandelayo.

Khonamanjalo, kunezinkinga kumakhempu aseduze kwase-Goma lapho kuhlala khona abantu ababalekela impi. Abanye abantu bathi uColonel we-M23 ubatshele ukuthi baphume ekhempinj yase-Bulengo zingakapheli izinsuku ezintathu.

I-M23 ithi lokhu akulona iqiniso. Bathi abantu bakhetha ukubuyela ezindaweni eziphethwe amavukelambuso. Kodwa abantu abaningi sebehlale kule khempu iminyaka emibili abazi noma amakhaya abo asamile yini.

Le mpi isiphoqelele abantu abayizigidi ezingu-6.7 ukuthi basuke emakhaya abo kulo lonke elase-DRC. Iningi lisezindaweni zase-Kivu. Usizo luyaphela ngemuva kokuba iMelika iyeke ukunikeza imali i-UN. Lokhu kusho usizo oluncane ngokunakekelwa kwezempilo nendawo yokuhlala.

Uhulumeni wase-DRC uthi i-Rwanda neM23 bantshontsha ezokumbiwa zakuleli. Lokhu sekwenze la mazwe womabili athukuthelelana.

Esithombeni esingenhla: Abagcini bokuthula be-UN e-Congo.

Umthombo wesithombe: @UN

Izihloko zakamuva