Amaqembu ebhola asehoxile ku-Super League

Menzi Magubane

Ngemuva kwezinxushunxushu mayelana nokusungulwa kwe-European Super League, kubukeka sengathi iManchester City kanye neChelsea bazobe bedlala kuma-semi final e-UEFA Champions League.

I-UEFA kanye ne-Premier League ibiphikisana kakhulu nesinqumo sokujoyina i-European Super League.

I-Premier League iqinisekise esitatimendeni ngoLwesibili ebusuku ukuthi iManchester City Football Club ikhiphe izinqubo zokuhoxa eqenjini elakha i-Super League.

Njengamanje wonke amaqembu ayisithupha e-Premier League asehoxile ku-Super League ngemuva kokuthi iLiverpool, i-Arsenal, iManchester United kanye neTottenham beqinisekise ngoLwesibili ebusuku ukuthi balandele iChelsea kanye neCity ekuzikhipheni.

NgoMsombuluko i-Premier League isabise ngokuthi izowakhipha wonke amaqembu ayisithupha kule ligi kanti i-UEFA ibifuna wonke amaqembu abambe iqhaza kwi-Super League axoshwe kuyo yonke imiqhudelwano yawo.

NgoLwesibili ebusuku amaqembu amane abasele enze isimemezelo emakhasini awo e-Twitter ethi ayazikhipha ezinhlelweni ze-Super League.

“Senze iphutha, futhi siyaxolisa ngalo,” kusho i-Arsenal.

Usihlalo weSpurs, uDaniel Levy uthe: “Siyazisola ngokukhathazeka nokudinwa okubangelwe yisiphakamiso se-ESL.”

I-Super League iphendule ngoLwesithathu ekuseni yathi izocubungula izinhlelo zayo, yengeza nokuthi amakilabhu aseNgilandi aphoqeleke ukuthi ahoxe ngenxa yengcindezi abanawo.

IChelsea kanye neCity banemidlalo eyandulela eyamanqamu e-Champions League ngesonto elizayo kanti ukubuyela kwabo ku-Super League kusho ukuthi basengadlala. Kusazobonakala ukuthi kuzokwenzekani ngeReal Madrid nayo ekwi-semi final.

Umthombo wesithombe: @brfootball

Izihloko zakamuva