Amaphoyisa athungatha abasolwa abathumbe umfana osemncane

Kabelo Tlhabanelo

Umfana omncane oneminyaka emithathu uthunjwe abesilisa abahlanu okusolakala ukuthi bakweletwa uyise, endaweni yase-Bainsvlei, e-Bloemfontein.

U-Onalerona Reit uthunjwe edepho kadizili e-Baylana eduze nomgwaqo u-R64 ngoMsombuluko ebusuku kanti amaphoyisa abengakatholi ukuthi ukuphi kuze kube manje.

Umndeni wakwaReit uthi abesilisa bathumbe ingane eneminyaka emithathu, kanti futhi laba besilisa bake bafika emzini wabo bezofuna isoka lendodakazi yabo ngenyanga edlule, behlome ngezikhali befuna uyise ka-Onalerona.

Uyise womntwana wayesenezinsuku ezimbalwa engabuyile ekhaya, kodwa ngesikhathi ebuya, watshelwa ngamadoda ahlomile abemfuna, waphinde wahamba ngokushesha.

UDoreen Reit, ugogo ka-Onalerona, uthe laba besilisa sebefike amahlandla amaningi emzini wabo. 

“Kusukela ngenyanga edlule laba besilisa abahlezi befika behlomile, bebefune isoka lendodakazi yami. Bebelokhu befika ebusuku, kodwa abakaze bambambe,” kusho ugogo etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe bake basabisa ngokuthumba umzukulu wakhe bese bebulala indodakazi yakhe ekhulelwe uma behluleka ukuthola uyise womfana.

Esinye isihlobo sithe leli qembu lamadoda lathi ubakweleta imali, kodwa abazange basho ukuthi imalini.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier uMotantsi Makhele uthe ngesikhathi iqulu labesilisa lifika ngoMsombuluko ebusuku, lihambe nengane nonina.

“Sekuqalwe ukuthungathwa abasolwa abahlanu abebehamba ngeveni ebomvu ngemuva kokuthunjwa kwengane,” kusho uMakhele.

Umama owadedelwa ngamadoda, utshele amaphoyisa ukuthi wavuma ukuyisa labalisa e-Baylana eduze nomgwaqo u-R64, lapho ayegcine khona ukubona isoka lakhe.

“Laba besilisa bafike naye edephu kadizili. Wehla nabasolwa eshiya ingane evenini,” kusho uMakhele.

UMakhele uthe abasolwa baqale ukudubula emoyeni ngesikhathi bebona iqulu lonogada liqala ukuza kubo.

Baphindela ngaphakathi evenini yabo babaleka no-Onalerona bashiya unina.

Noma yiliphi ilungu lomphakathi elingaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ukuthi athole umfana othunjiwe uyacelwa ukuba athinte uDetective Captain Thapelo Motseki ku-082 4668 405.

Kungenjalo ulwazi lungathunyelwa ku-MySAPS App.

Izihloko zakamuva