Ukuxhamazela kukahulumeni ngokumisa ukuthengisa kukagwayi ngaphansi komvalelo kuholele ukuthi kube nesixwayiso esisha.
UNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthe abantu abaphethe ugwayi kufanele babe namarisidi – ukukhombisa ukuthi abawuthenganga ngokungemthetho. “Uma utholakala unawo ephaketheni lakho noma ngabe uphethe inani elincane noma elikhulu sizofuna ukubona ubufakazi bokuthi uwutholephi,” utshele i-Times Live.
“Ugwayi awuvinjelwe ukuthi uwubheme, uvinjelwe ukuthi ungathengiswa. Amaphoyisa anelungelo lokukubuza uma ekuvimba emgwaqeni ukuthi uwuthathephi ugwayi noma okunye okuthile,” kusho uCele.