Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Akukaboshwa muntu emkhankasweni lapho amaphoyisa ephuce abadayisa izimpahla zomgunyathi ezingabiza u-R55 million.
Ithimba le-SAPS lase-Western Cape lishaqe izimpahla ezingekho emthethweni zenani lika-R55-million ngesikhathi ligasela izitolo eKapa.
Ithimba, kanye nezinye izinhlaka zamaphoyisa, zenze lo msebenzi enkabeni yedolobha e-Bellville okuyisizinda esikhulu sokuthengisa izimpahla zomgunyathi nezingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uLieutenant Malcolm Pojie uthe ukuhweba ngezimpahla zomgunyathi kulimaza umnotho futhi kubeka abantu engcupheni.
“Amaphoyisa aseshe izakhiwo [zezitolo eziningi] ngencwadi egunyaza ukuthi athathe izimpahla zomgunyathi ezibiza u-R55-million, okuhlanganisa nezisezingeni eliphezulu,” kusho uPojie.
Izimpahla ezishaqiwe zithathiwe ukuze zigcinwe bese ziyalahlwa ekugcineni.
Isakhamuzi uLusindiso Mateyisi usigxekile lesi senzo, wathi ukuthatha izimpahla ngaphandle kokubopha abadayisi akuyixazululi inkinga.
“Lokhu kwenzeka cishe minyaka yonke. Kungani bengababophi abantu abathengisa lezi zimpahla zomgunyathi? Bazovele bathenge ezinye futhi baqhubeke nokudayisa. Uphi umehluko uma abadayisi bengaboshwa?” kusho uMateyisi.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Western Cape uLieutenant-General Thembisile Patekile uncome ithimba ngokusebenza kanzima.
“Yize kungaboshwanga muntu, sikholwa wukuthi siphumelele ekulweni nale nkinga yomhlaba wonke,” kusho uPatekile.
Esithombeni ngenhla: Ithimba lakwa-SAPS lishaqe izimpahla zomgunyathi zenani lika-R55-million.
Umthombo: Uthunyelwe
