Arthur Greene
Amaphoyisa ase-New Zealand amise imoto ebisolisa ngaphandle edolobheni lase-Auckaland, bathola ukuthi le moto igcwele amabhakede enyama yase-KFC ama-chips athosiwe kanye namasaladi ase-KFC.
Amaphoyisa abophe abalisa ababili abakade besemotweni, aphinde athola nemali eyizigidi ezi-1 zamarandi.
Kuze kube uLwesithathu, idolobha lase-Auckland e-New Zealand belinomthetho oqinile womvalelandlini kunamazwe wonke. Ukuvakasha bekungavumelekile nokweqa umngcele ngaphandle kokuphatha amaphepha afanelekile bekungavumelekile.
Ngokucophelela, izindawo zokudla – kubalwa nokuthatha ukudla ungakudleli esitolo – bekungavumekile. Lokhu kusho ukuthi zonke izindawo zokudla zase-KFC edolobheni bezingatholakali njengoba bezivaliwe.
Amaphoyisa abegade umgwaqo ngaphandle kwaseNingizimu nedolobha ngesikhathi bebona imoto enophawu lwenkukhu phezulu.
Ngesikhathi amaphoyisa emisa imoto, obeshayela usheshe wababona, wazama ukujika wanyusa ijubane ebaleka.
Kodwa abazange bakwazi ukushiya imoto yamaphoyisa ngejubane, bagcine sebemisa imoto eceleni.
“Amaphoyisa ayibhekile imoto athola imali, nesikhwama kanye nokudla obekufakwe ezitsheni,” amaphoyisa akusho lokho kwisitatimende, bachaza abalisa ababili njengabantu abasebenzisana nezigebengu.”
Izithombe zamaphoyisa zikhombisa okungenani amabhakede enyama ase-KFC amathathu, amasaladi ayishumi, iphakethe elikhulu lama-chips athosiwe kanye nesikhwama esikhulu ebesithwele ezinye izinto zase-KFC.
Umthombo wesithombe: @nypost