Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa ase-Gauteng agasele indawo ekhiqiza izidakamizwa ezilinganiselwa ku-R80-million endaweni yabadla izambane likapondo e-Douglasdale, ngase-Fourways, eGoli, ngoLwesine.
Lapha afike ashaqe amaphilisi e-mandrax enani elilinganiselwa ku-R10-million.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng, uLieutenant-Colonel Mavela Masondo, uthe uphiko lobugebengu obuhleliwe esifundazweni kanye nenkampani yonogada i-PES Flexi bathole indawo ekhiqiza izidakamizwa, avundulula izidakamizwa kanye nemishini yokuzipheka.
Amaphoyisa aphinde athola izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni, izinhlamvu zeqophelo eliphezulu, ama-pellet gun kanye nezibhamu ezifana nezinye (replica guns) endaweni. Kuboshwe abantu ababili bokufika kuleli ngokungemthetho abebesendaweni yesigameko.
UMasondo wengeze ngokuthi amaphoyisa abelokhu eqaphile futhi elandelela itulo ngenxa yezenzo ezisolisayo ebezenzeka kule ndawo.
“NgoLwesine ekuseni, amaphoyisa afike nencwadi egunyaza ukusesha athola ukuthi le ndawo ibisetshenziselwa ukukhiqiza izidakamizwa. Kule ndawo kutholwe amakhemikhali, imishini, nemikhiqizo esiqediwe,” kusho uMasondo.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uLieutenant-General Tommy Mthombeni uvakashele le indawo yesigameko, wancoma ithimba elibambe iqhaza ngokuthola le ndawo ekhiqiza izidakamizwa.
“Zingaphezu kweshumi izindawo ezikhiqiza izidakamizwa ezitholwe ngamaphoyisa e-Gauteng ezinyangeni ezinhlanu ezedlule,” kusho uMthombeni.
“Lokhu kuwubufakazi obusobala bokuthi sinenqubekelaphambili ebonakalayo ekuhlonzeni nasekuhlakazeni izindawo zokukhiqiza izidakamizwa esifundazweni sethu. Ngiyaziqhenya ngamalungu ami asebenze ngokuzikhandla ukunqanda le misebenzi.”
Ngalo lolu suku amalungu ophiko lwezidakamizwa lwamaphoyisa kamasipala wase-Tshwane athole ulwazi mayelana nokushintshisana kwezidakamizwa ekhoneni lomgwaqo u-Eskia Mphahlele no-Struben.

Amadoda amabili atholwe ne-nyaope. Abasolwa baholele ithimba e-Mooikloof e-Pretoria East, lapho kutholwe khona ezinye izidakamizwa, kwaboshwa abanye abasolwa abayisithupha.
Ngomhlaka-31 kuNtulikazi, amaphoyisa ashaqa izidakamizwa zenani lika-R300-million abopha abathumbi abayisishiyagalombili e-Fourways, amakhilomitha ambalwa ukusuka lapho kutholakale khona izidakamizwa ngoLwesine.
Usomabhizinisi owayethunjwe ngomhlaka-5 kuNtulikazi e-Mosque e-Roodepoort wahlengwa ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso. Abathumbi babefuna u-R5-million ukuze akhululwe kodwa bangayithola leyo mali ngemuva kokuthi amaphoyisa ebophe abasolwa.
Abasolwa ababoshiwe bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Roodepoort ngokuhamba kwesikhathi ukuze babhekane namacala ahlanganisa ukukhiqiza izidakamizwa nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
Esithombeni ngenhla: Omunye wabasolwa kanye namanye amathuluzi abo ashaqwe ngamaphoyisa eGoli.
Umthombo: Gauteng SAPS
