Lubhalwe nguSihle Mavuso
Amaphoyisa abophe abasebenzi ababili basegatsheni lakwa-Shoprite e-City View Mall maphakathi neTheku ngemuva kwezinsolo zokuqola abantu abaningi abathola isibonelelo sikahulumeni sika-R370.
Abasebenzi ababoshiwe bebesebenza njengabashaya ama-till esitolo esikhulu futhi esimatasa maphakathi neTheku, KwaZulu-Natal. Amaphoyisa ababophe ngoMsombuluko abasolwa.
Ekuqaleni, amaphoyisa abophe abasolwa abahlanu, kodwa ababili babo babuye badedelwa emuva kokuthi bungekho ubufakazi obubahlanganisa namacala abasolwa ngawo.
Ekuqhubekeni kophenyo, ababili bathweswe amacala bavela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko ntambama. Owesithathu usaphenywa futhi akakabekwa cala.
Ngokwemithombo, laba basebenzi bebetshela abahola izibonelelo ukuthi uhulumeni ubengakayifaki imali yabo.
Bakwenza lokho yize abahlomulile befike nemiyalezo ekhombisa ukuthi izibonelelo zabo sezifakiwe.
“Babe sebezikhiphela bona le mali ngemuva kokujikisa abahola isibonelo bahambe belambatha,” kusho umthombo.
Kubikwa ukuthi isitolo siqale ukuqapha abasebenzi abathatha imali ngemuva kokuthola izikhalo kwabahola lesi sibonelelo abebephindiselwa emuva, base bayabanjwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalaba ababili abaneminyaka engu-29 no-32 ubudala, wathi umsolwa wesithathu usaphenywa.
Esithombeni ngenhla: Abantu abaningi bemi ulayini emagatsheni akwa-Shoprite ngenhloso yokuzolanda izibonelelo zaboj eziphuma kuhulumeni, kodwa e-City View Mall abanye babuyela emuva belambatha.
Umthombo: X
