Amanani kaphethiloli acindezela umshayeli othutha abafundi baseSoweto

Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane

Umshayeli waseSoweto uWelile Mthwalo uhola u-R6 000 ngenyanga kubafundi abangu-12 kodwa ingxenye enkulu yaleyo mali uyichitha ekuthengeni uphethiloli, amalayisensi nokulungisa izimoto.

Izikhulu zezokuthutha eGauteng zixwayisa abashayeli ukuthi bangazithengi izimoto ngaphambi kokuthola amalayisense agunyaziwe, noma bangagcina sebesebenza ngokungemthetho.

Umshayeli wezokuthutha waseSoweto uthi ukwenza izinto ngokusemthethweni kuba nzima minyaka yonke ngoba ukukhuphuka kwezindleko kudla iholo lakhe.

UWelile Mthwalo uthutha izingane phakathi kwePimville ne-Eldorado Park.

Uthwala abafundi abangu-12 futhi ukhokhisa ingane ngayinye u-R500 njalo ngenyanga.

Lokho kumnika u-R6,000 ngaphambi kwezindleko. Kodwa uMthwalo uthi muningi naleyo mali inyamalala ngokushesha.

Ukhokha cishe u-R1,700 njalo ngonyaka ngelayisense yakhe yokusebenza. Unyaka nonyaka imali iyakhula ayihlale ifana,” usho kanje.
Izindleko zakhe ezinkulu uphethiloli.

UMthwalo uhamba ngeVW Caravelle kanti uthi ubesebenzisa imali elinganiselwa ku-R4 000 ngenyanga ethenga uphethiloli.

Lokho manje sekukhuphuke cishe ku-R4,300.

Uphinde asebenzise imali elinganiselwa ku-R2 000 elungisa izimoto kabili ngonyaka ukuze agcine imoto iphephile futhi ikulungele ukuba semgwaqeni.

Ukuze enze imali eyengeziwe, ngezinye izikhathi uthutha imindeni, amaqembu esonto kanye nezingane zesikole ngezimpelasonto.
Kodwa nalokho akwanele.
“Konke kukhuphukile, ngakho ekugcineni kosuku usale nokuncane kakhulu,” usho kanje.

UMthwalo uthe sekuze kwadingeka ukuthi anciphise ukudla nezimpahla ngoba izindleko zokuphila ziphezulu.

Uthe abashayeli abaningi bezokuthutha abafundi abazami ukubalekela umthetho.

Badonsa kanzima ngoba amalayisensi, uphethiloli, ukudla kanye nokulungisa izinto zilokhu zimba eqolo.

UMthwalo uthe ukuba nelayisensi kuyamsiza ukuthi asebenze ngaphandle kokwesaba ukumiswa ngamaphoyisa.

Kodwa uthe nabezomthetho bayakudinga ukwesekwa ngoba amabhizinisi abo anengcindezi.
UMnyango Wezemigwaqo Nezokuthutha eGauteng uthi abashayeli kumele bafake izicelo zelayisensi yokusebenza ngaphambi kokuthenga imoto.

Umnyango uthi ukugunyazwa kuncike esidingweni kanye nokuthi umqhubi uyahlangabezana yini nezidingo.

UNgqongqoshe wezokuThutha kuleli, uMnuz Kedibone Diale-Tlabela, usexwayise ngokuthi abantu abathenga izimoto ngaphambi kokugunyazwa bazogcina sebesebenza ngokungekho emthethweni uma izicelo zabo zenqatshwa.

Umnyango uthi uzoqhubeka nemikhankaso yokuqinisa umthetho nokuqwashisa abantu ukuqinisekisa ukuthi abashayeli balandela inqubo efanele.

KuMthwalo, umyalezo ulula: ukuthobela umthetho kubalulekile, kodwa ukuhlala untanta kuya ngokuba nzima.

Osesithombeni esingenhla: Umshayeli othutha abafubdi uWelile Mthwalo.

Umthombo wesithombe: Kunikeziwe.

Izihloko zakamuva