Celani Sikhakhane
Impi yesikhundla sobumeya komunye umasipala wasemakhaya KwaZulu-Natali isishube kakhulu.
IMeya ye-IFP, uMnu uZamo Shabalala, usolwa ngokuqamba amanga ngokuthi athi unguthisha oqeqeshiwe ukuze ahole umasipala waseNquthu.
Abanye abaholi beqembu lakhe bathi wagcina ukunyathela emagcekeni esikole ngesikhathi eyeka isikole kwibanga lesithathu.
Umholi we-IFP uNksz Nothile Zungu nguye oqale ukuphakamisa lolu daba, okuholele ekutheni kuhoxiswe ukugcotshwa kwekhansela njengemeya entsha kamasipala ngomzuzu wokugcina.
Ocingweni oluqoshiwe uZungu uzwakale ethi ngeke bamvumele uShabalala aphunyuke kulokhu.
“Ngabe kungcono ukube wafunda wagcina kwibanga le-11 noma kumatikuletsheni. Umuntu onjalo angaqhubeka kanjani nokuhola umasipala engakwazi nokufunda?” Kuzwakala uZungu ebuza ocingweni.
“Uqambe amanga kubuholi wathi unguthisha eNondweni, kodwa akakaze abe nguthisha futhi akanayo imfundo efanele ngaphandle kwebanga lesithathu,” kuqhuba yena.
I-Scrolla.I-Africa sithole ukuthi udaba lwemfundo kaShabalala lwaqala ukukhulunywa ngonyaka odlule, kodwa akekho owayefuna ukumdalula ngaleso sikhathi ngoba wayephuma emakhanseleni e-ANC.
Ngenkathi ethintwa ukuze aphawule, ucingo lukaShabalala belukhala lungabanjwa.
USihlalo we-IFP, uMnu uMandla Ngobese, uthe ngeke bazihluphe ngezinsolo ezingathi shu ngoShabalala.
“Sijabule ngokuthi uShabalala athathe ihlandla lesibili ahole umkhandlu waseNquthu ngoba wenze kahle kakhulu ngehlandla lakhe lokuqala, ngeke sizihluphe ngenzwabethi, akukho phenyo oluzokwenziwa ngaye,” kusho uNgobese.
Kulindeleke ukuthi uShabalala agcotshwe – okungumzamo wesithathu wokwenza lokhu – kanye namanye amakhansela ngoLwesithathu.