Amalungu e-DA e-Northern Cape avotele inhlangano yomphakathi i-Namakwa Civic Movement

Celani Sikhakhane

Inhlangano yomphakathi, i-Namakwa Civic Movement, ikhiphe i-Democratic Alliance njengeqembu eliphikisayo elisemthethweni komasipala base-Northen Cape.

I-Namakwa Civic Movement ithathe indawo yesibili yabeka i-DA endaweni yesithathu.

Ukwesekwa kwe-ANC nakho kwehle kakhulu.

Le nhlangano ithole izihlalo ezimbili ngamavoti ayi-19.6%, i-DA yathatha amavoti ayi-11.7%,  njengoba isuka kwangama-24.8% ngonyaka wezi-2016.

Kumasipala waseThembelihle, lapho okuvote khona abantu abayizi-4,342, ukwesekwa kwe-ANC kwehle kakhulu – isuka kumavoti angama-54.9% ngonyaka wezi-2016 yehla  yathalo angama-39.8% kulolu khetho. Kumasipala wase-Khai Ma, i-ANC yehle isuka kumavoti angama-58.26% ngonyaka wezi-2016 yafinyelela yathola amavoti angama-50,5%, yathola izihlalo eziyisithupha.

I-Northen Cape isanika amaqembu amaningi ezepolitiki ubunzima njengoba amanye athathe isinqumo sokungangeneli ukhetho. I-national Freedom Party (i-IFP), i-PAC, ne-Azapo bangabanye abangakutholi ukwesekwa kulesi sifundazwe.

Amanye amaqembu ezepolitiki anqume ukuhoxisa izinhlelo zawo zokukhankasa esifundazweni.

I-EFF ibone ukwanda okukhulu kwesisekelo sayo sokwesekwa endaweni ngamavoti angama-24.5% isuka kwayi-11.4% ngonyaka wezi-2016.

I-DA ingene ngamavoti ayi-12.2%, yehle isuka kwangama-22.8% ngowezi-2016.

I-FF+ ithole isihlalo esisodwa kuphela.

Kumasipala wase-Renosterberg, lapho okuvote khona abantu abayi-4,922, i-ANC ithole amavoti angama-53.01% isuka kwangama-52.1%.

Izihloko zakamuva