Esanda kushaya igoli lakhe lokuqala leBafana Bafana bebhekene ne-Sao Tome ngoMsombuluko owedlule.
Lomdlali wasesiswini we-Mamelodi Sundowns uThemba ‘Mshishi’ Zwane uphinde wabhalisa igama lakhe eshidini lamagoli lezinsizwa esiza i-MamelodiSundowns ukushaya AmaZulu emqhudelwaneni ngamagoli ayisikhombisa ngeSonto.
UMshishi ube ngumdlali wokuqala ukushaya amagoli amathathu emdlalweni owodwa kule sizini. I-Downs isuke ekusaleleni ngemuva ngegoli elilodwa yayonqoba ngamagoli amane kwamathathu enkundleni yezemidlalo i-Loftus.
Owayekade edlalela i-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uLehlohonolo Majoro uvulele Usuthu ngegoli ngomzuzu we-15.
Ngemuva kwalelo goli uMshishi ulutshontshile uhlelo, washaya amagoli amathathu ngomzuzu we-19, wama-21 nowama-30.
Ngemuva nje kwekhefu umgadli owayedlalela i-Pirates, uLuvuyo Memela, ushayele iqembu laseThekwini igoli ukuze anciphise isikweletu.
Ngomzuzu wama-53 Usuthu luzitholele amagoli amabili futhi ngenkathi umgadli wamagoli aphezulu wesizini uPeter Shalulile eshaya igoli okuyenze layishaye ngamagoli amane kwamabili i-Downs.
USandile Khumalo ubuyisele igoli elilodwa izivakashini ezinenkani emizuzwini engana-59 okwenze kwaba ngamagoli amane kwamathathu.
UMshishi namagoli akhe amathathu amngenise esicongweni samagoli we-Premiership ngamagoli amane. UMshishi uklonyeliswe ngendondo ye-Absa Premiership Footballer yesizini edlule ngenyanga edlule.
I-Downs iphezulu ku-Premiership ngamaphuzu ayishumi, isinqobe imidlalo emithathu yadlala ngokulingana kowodwa. Uma beqhubeka nalokhu kudlala bangasivikela kalula isicoco seligi abasinqobe kathathu kulandelana.
Usuthu olusele luzikhotha amanxeba lusendaweni ye-12 ngamaphuzu amane. Ukuhlulwa kwabo besekungokwesibili ngeSonto.
Eminye imiphumela ye-Premiership: i-Cape Town City ishaye i-Blomfontein Celtic ngamagoli amane kwamabili; i-Thakhuma Tsha Madzivhandila yona yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni idlala ne-Baroka FC.