Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ubuholi be-African National Congress (ANC) oGwini ngaphansi kwesiFunda iTolomane Mnyayiza kuthiwa bubhekene nolaka lwamagatsha angasafuni nokububona.
Lokhu kuthiwa kuhlale obala ngesikhathi kuvakashe amalungu esigungu esiphezulu kuzwelonke abeholwa uMnuz Mondli Gungubele njengoba ubuholi bebuseKZN buzobheka izinkinga ezidale ukuba i-ANC ilahlekelwe amavoti okhethweni obelungoMay kulo nyaka.
Imithombo ebixoxe ne-Scrolla.Africa ikhala ngokuthi ibibheke ukuthi kuyothi kushaya lezi nsuku zokhetho lokuchibiyele kube sebugudluziwe bonke ubuholi baseTolomane Mnyayiza.
“Kuningi okungahambi kahle lapha nesakuveza ngesikhathi kuvakashe uGungubele nesigungu sikazwelonke. Amaqabane awaphathekile kahle ngoba esolwa ngokuba uMkhonto weSizwe Party.
“Akugcini lapho, ngisho komasipala esibaphethe akusebenzeki. ERay Nkonyeni kuze kube manje uSomlomo akakhethiwe. OGwini sinoSotswebhu ababili ngenxa yokubanga kwamaqabane. EMdoni baphethwe kahle futhi nomeya wakhona washeshe wafakwa ngemuva kokuvuleka kwesikhala. Lokhu kwenzeka ngoba vele imeya inguNkosikazi kaNobhala uXolani Luthuli,” kusho umthombo.
Amaqabane athi abenethemba lokuthi izikhalo zawo zizoshesha ukuzwakala ngemuva kokufika kobuholi bukazwelonke.
UNobhala waseTolomane Mnyayiza Region uMnuz Xolani Luthuli uthe kuyishwa ukuthi abantu abangahlali esigungwini sesifunda kube yibo ababona izinkinga ezingekho.
“Inkinga esibhekene nayo ukuthi siya engqungqutheleni yesifunda, yingakho kunje ngoba kukhona ababona ukuthi yibo okumele bakhethwe.
“Empeleni laba bantu ababekhuluma emhlanganweni kaGungubele angazi noma ngizothi babebanga umsindo yini. Kodwa abantu labayana ababekhuluma izinto ezingezwakali. Futhi akekho owathi kuzokwenziwa okuthile ngezikhalo zabo ngoba babezikhulumela nje,” kusho uLuthuli.
Uqhube wathi akulona iqiniso ukuthi kunomasipala abaphethwe ngokwenzelela.
Uthe okwaseMdoni kuhlukile ngoba isifundazwe sashesha ukuyilungisa indaba yakhona neyasoGwini kodwa obekusasele ukuthi isifundazwe sigunyaze igama lozoba nguSomlomo kumasipala wendawo iRay Nkonyeni.
Ubuye wazwakalisa ukungenami ngabambona njengomuntu othatha izinqumo adlule isigungu sakhe ahola naso iTolomane Mnyayiza.
UGungubele akazange atholakale ocingweni ukuze aphawule.