Amabandla aseGqeberha amashele ukulwa nobugebengu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

NgoLwesine amakholwa aKwaZakhele, eGqeberha, abhikishele ukwanda kobugebengu, ububha nokuntuleka kwemisebenzi.

Inhlangano iSpiritual Crime Prevention Initiative ihlele le mashi ngemuva kwemibiko yokuthi amabandla aphoqwa ukukhokhela izigebengu ukuze ziwavikele.

“Khumbula, abazalwane bethu nabo bayizakhamizi,” kusho u-Elder Cyril Langbooi we-United Ethiopian Church of Africa.

“Uma bekhokhiswa imali yokuvikela ezindlini zabo, nathi kuyasithinta.”

Uthe kuke kwaba nezigigaba lapho izigebengu zingena esontweni zithi zingakwazi ukusivikela.

“Sonke siyazi ukuthi akusona isivikelo kuwukusiphoqa ukuthi sikhokhe imali,” kusho uLangbooi.

Amabandla amaningana kumasipala abanjwe inkunzi kulo nyaka. Ibandla i-Assemblies of God KwaZakhele naseNew Brighton selishaywe kabili kusukela ngo-2022.

UBrian Davids wePrison Dent, oyi-NPO yalabo ababeyizigebengu, uthe akwamukelekile neze lokhu.

“Akukholakali ukuthi sesishintshe kakhulu siwumphakathi kangangoba asiyiboni indlu yeNkosi,” usho kanje.

“Ukungena esontweni futhi ugebenga abantu kuyinkomba yokuwohloka kokuziphatha, futhi kufanele silwe nalokho.”

USomlomo wesiShayamthetho yase-Eastern Cape uHelen Sauls-August usamukele isicelo samabandla.

“Iqhaza lethu njengesiShayamthetho ukwamukela amaphepha ezikhalazo bese sibeka uhlelo oluzoqinisekisa ukuthi iminyango kahulumeni ethintekayo iyazibheka lezi zinkinga, yikho esizokwenza,” usho kanje.

Uhlu lwezikhalazo luphinde lwaveza ukukhathazeka ngokuhushulwa kwezisu nemishado yabantu bobulili obufanayo. Amabandla anikeze uhulumeni wesifundazwe izinsuku ezingu-14 ukuba aphendule.

Esithombeni esingenhla: USomlomo wesiShayamthetho wase-Eastern Cape, uHelen Sauls-August, umukela izikhalo esilethwe amabandla.

Umthombo: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva