Ama-Stellies ajabule futhi akulungele ukudlala okokuqala ku-CAF

Lubhalwe nguMichael Madyira

I-Stellenbosch FC izodlala okokuqala ku-CAF Confederation Cup uma isidudulana neNsingizini Hotspurs yase-Swatini eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo. 

Lo mdlalo ungowomlenze wokuqala womzuliswano wokuvulu.

Uhambo lwaleli qembu ebholeni lase-Afrika luqale ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu ku-PSL ngesizini edlule. 

Umqeqeshi oyinhloko uSteve Barker ukhulume ngesasasa leqembu esiteshini se-YouTube se-Stellenbosch: “Ukudlala ezwenikazi bekuyiphupho kithina, futhi ekugcineni lolo suku selufikile. 

“Kunokujabula okukhulu eqenjini, futhi siwubheke ngabomvu umdlalo wethu wokuqala e-Afrika.”

I-Stellenbosch izobhekana nale nselelo ngaphandle kwabadlali ababili ababalulekile: umgadli u-Iqraam Rayners, ojoyine iMamelodi Sundowns, nowayengukaputeni uDeano van Rooyen, osekwi-Orlando Pirates.

Okuhlaba umxhwele ukuthi nakuba lo mdlalo udlalelwa eNingizimu Afrika, kodwa ngokobuchwepheshe i-Stellenbosch izoba yiqembu lasekuhambeni. 

INsingizini Hotspurs idlala imidlalo yayo yasekhaya eNingizimu Afrika ngenxa yokuthi Eswatini azikho izindawo ezigunyazwe yi-CAF. 

Umlenze wesibili uzoba seMoses Mabhida Stadium, kanti i-Stellenbosch izoba ngosokhaya.

UBarker ubalule ukujwayela le ndawo wathi: “Kuhle ukuthi siyazi kahle iMoses Mabhida Stadium neTheku, kodwa kumele sikhumbule ukuthi izimbangi zethu zisebenze kanzima ukuba lapha. 

“Banesifiso sokuvelela futhi bakhombisile ukuthi bazimisele ngokuzilungiselela eNingizimu Afrika.”

Njenge-Stellenbosch, iNsingizini Hotspurs nayo idlala okokuqala ku-CAF Confederation Cup.

Esithombeni ngenhla: Abadlali be-Stellenbosch FC beziqeqesha eThekwini belungiselela ukudlala neNsingizini Hotspurs.

Umthombo: Stellenbosch FC

Izihloko zakamuva