Ama-Proteas asefomini ahlule i-India

Timmy T Maranda

Ukaputeni wamaProteas uSune Luus uthe, iqembu lijabule ngokuthweswa isicoco sokuba ngompetha be-ODI series e-Lucknow e-India.

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngokusebenza kwamantombazane kulo lonke lolu chungechunge,” kusho uLuus.

“Sizele ukuzonqoba lapha kodwa besingalindele ukushaya i-India ngamane kwelilodwa enqabeni yabo.”

Uthe, ukudlala iPakistan ngaphambi kokuya eNdiya kulisizile iqembu.

“Besifuna ukuza e-India ukuzokwenza umlando ngokunqoba umdlalo wochungechunge kodwa besazi ukuthi kuzoba nzima. Angicabangi ukuthi besilindele ukunqoba ngamane kwelilodwa, kodwa-ke sikufezile ebesikufuna,” kusho uLus esithangamini nabezindaba se-CSA.

Ukunqoba komdlalo wochungechunge kuholele ekutheni iqembu lakuleli lekhilikithi labesifazane liba sendaweni yesibili ngemuva kwe-Australia kumazinga omhlaba azophumelela eNdebeni yoMhlaba ngonyaka ozayo e-New Zealand.

Ukudlala kahle kweqembu kulibone liqopha imiphumela eyishumi emidlalweni eyi-11 yize abadlali abamqoka bebengekho.

Ukaputeni uDane van Niekerk kanye nephini lakhe uCloe Tryon bobabili baphuthelwe yi-India Tour ngenxa yokulimala eqolo ngoZibandlela futhi ukubuya kwabo kuzothuthukisa iqembu ukuze liqine kakhulu kunakuqala ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.

“Siphinde sanyukela endaweni yesibili futhi ngicabanga ukuthi lokho kukhethekile eqenjini lethu. Kungokokuqala ukuthi sikwenze lokho,” kusho uVan Niekerk.

“Singangena kwi-T20 series sazi ukuthi imidlalo yethu engama-50 siyidlala kahle. Inhlanganisela ebesifuna ukuyizama isebenzile futhi lokho kuyinto enhle.”

Umthombo wesithombe: @OfficialCSA

Picture source : @OfficialCSA

Izihloko zakamuva