Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Ukuqhuma kwepayipi legesi endaweni yebhizinisi eseduze ngoLwesithathu kuphoqe ukuthi kuvalwe i-Training Academy ye-SAPS eTshwane kuphinde kukhishwe amaphoyisa angu- 2, 500 aqeqeshwayo eduzane.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe isinqumo sokukhipha amaphoyisa aqeqeshwayo sithathwe ngemuva kokuxoxisana nongoti.
Abanye abakhishiwe abafundi abaqeqeshwayo be-SAPS namalungu avela ezikhungweni ezikhethekile ezihlukene, okuhlanganisa ne-Natjoints Coordination Centre.
“Yize isikhungo sokuqeqesha sona singathinteki ngqo kodwa ukukhishwa kwabantu kuyindlela yokuzivikela,” kusho uMathe.
“Ochwepheshe basendaweni basebenzela ukunqanda umlilo ebhizinisini eliseduze.”
Lesi sikhungo esiholwa yiPhini likaKhomishana kaZwelonke wamaPhoyisa, uLieutenant General Tebello Mosikili sizosetshenziswa ukusingatha isimo.
UKhomishana kaZwelonke we-SAPS, uGeneral Fannie Masemola, ugcizelele ukubaluleka kokuphepha kubo bonke abathintekayo.
“Lokhu kukhishwa kuyisinyathelo sokuvikela izimpilo zamalungu ethu,” kusho uMasemola.
Uqinisekise umphakathi ukuthi amaphoyisa aqeqeshwayo nabasebenzi balesi sikhungo baphephile.
Isithombe esingenhla: Iziphathimandla eTshwane zicisha umlilo
Umthombo: SAPS
