Abesilisa abathathu baKwaZulu-Natal bagwetshwe udilikajele ngamacala okudlwengula

Lubhalwe nguTanyaradzwa Ntuli

UZenzele Thwala, uPhakamani Magwaza noMxolisi Shezi bagwetshwe odilikajele KwaZulu-Natal ngokudlwengula abesifazane namantombazane ezigamekweni ezehlukene.

Amagama abo afakwe ohlwini lukazwelonke lwabantu abahlukumeza ngokocansi, futhi bavinjelwe ukuba nezibhamu.

Bagwetshwe odilikajele abalisa abathathu abatholwe benecala lokudlwengula KwaZulu-Natal.

ENkantolo yesifunda eNqutu, uZenzele Derrick Thwala oneminyaka engu-32 ubudala ugwetshwe ngomhlak-30 kuMfumfu ka-2025. NgoNdasa ka-2023, wahlasela amantombazane amabili andawonye aneminyaka engu-17 no-19 ubudala ngesikhathi egoduka.

Ngemva kokufuna omakhalekhukhwini babo, usisi omdala wakwazi ukubaleka. UThwala wabamba omncane, wamhudulela endaweni evulekile wabe eseya endlini, wamgcina khona ebusuku wabe esemdlwengula.

Waphuma ngewindi ngakusasa ekuseni. UDetective Constable Menzi Xaba wase-Vryheid ubophe uThwala, othole odilikajele ababili kanye neminyaka emihlanu ngecala lokuthumba.

Kwelinye icala, uPhakamani Magwaza (26) ugwetshwe udilikajele eNkantolo yesiFunda yaseShowe ngomhlaka-29 kuMfumfu ka-2025. NgoZibandlela ka-2021, wabamba intombazane (13) eMbongolwane, wayidonsela esimobeni wayidlwengula.

ENkantolo yesiFunda yaseScottburgh, uMxolisi Shezi oneminyaka engu-43 ubudala ugwetshwe udilikajele ngomhlaka-27 kuMfumfu ka-2025 ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-28 kaSawoti ngemuva kokumlandela emzini wakhe ephuma endaweni yokucima ukoma.

Bobathathu abesilisa bafakwe ohlwini lwabahlukumeza ngokocansi eNingizimu Afrika futhi abavumelekile ukuba nezibhamu.

Esithombeni esingenhla: I-gavel yasenkantolo.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva