Abazali babhikishe ngaphandle kwesikole ngezinsolo zokucwasa kukathisha

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Abazali base-Stanger Manor Primary eduzane naseThekwini bafaka ingcindezi esikoleni naseMnyangweni wezeMfundo e-KZN ukuba bathathele izinyathelo uthisha okuthiwa ukhulume amazwi anobandlululo ngabazali abamnyama.

Iqulu labazali bagcwale ngaphandle kwesikole ngoLwesine kodwa lacela ukuthi lingathwetshulwa izithombe ngoba lifuna ukuvikela izingane zabo futhi ligweme ukuhlukumezeka lapho besebenza khona. 

Bafuna isikole siqale uphenyo sithathele uthisha okuthiwa uthe abazali abamnyama “bayiziphukuphuku”.

Lo thisha, ogama lakhe laziwa yi-Scrolla.Africa, kuthiwa utshele abafundi baka-Grade 4 ukuthi uyabazonda abantu abamnyama.

Ngokusho kwabazali, ukuphawula kuqubuke ngemuva kokuba abafundi abamnyama becela kaningi kuthisha ukuthi abavumele baye endlini yangasese ngesikhathi sokufunda ngoLwesibili.

Abanye abazali bathe bagcwale emasangweni esikole ngoba bebona uthishanhloko azame ukushweleza kubo.

“Kithina kubukeka sengathi uthishanhloko usohlangothini lukathisha, ufuna lugqitshwe udaba kungaze kuthathwe izinyathelo. Ngeke sikuvumele lokho,” kusho omunye umzali.

Abazali manje bahlela ukunxenxa i-South African Democratic Teachers Union ibaseke ukuze uthisha ajeziswe.

I-Scrolla.Africa iyaqonda ukuthi ngemuva kokubikwa kwesigameko, uMnyango wezeMfundo oholwa nguNgqongqoshe uSipho Hlomuka uthumele umhloli esikoleni ukuba azophenya ngalolu daba.

Ngesikhathi sokushicilela, okhulumela uMnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, ubengakayiphenduli imbuzo yethu mayelana nokuvakasha komhloli.

Esithombeni ngenhla: Isikole samabanga aphansi i-Stanger Manor.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva