Abatshuzi sebethole izingxenye zemoto nejakhethi yamaphoyisa emfuleni

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abatshuzi bathole obhampa bemoto kanye nejakhethi yamaphoyisa emfuleni i-Hennops ngasePitoli.

Insimbi okungenzeka ukuthi ixhumene ne-VW Polo elahlekile nayo ibonakale ebangeni elingu-4km ukusuka kuthelawayeka u-N1.

Amathimba okusesha nabatakuli athole izingxenye zemoto kanye nejakhethi yamaphoyisa e-Hennops River e-Centurion, ePitoli, okungenzeka ukuthi zixhumene ecaleni elisaqhubeka nelidida amaphoyisa nomphakathi.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi amathimba okusesha athole ubhampa wangaphambili nangemuva. Kumanje ochwepheshe bamatasatasa ukuthola ukuthi izinsimbi ezemoto yohlobo lwe-VW Polo elahlekile ebishayelwa amaphoyisa amathathu.

UBrigadier Mathe uthe imindeni isibikelwe ngalesi sigameko.

“Kuphinde kwatholakala nejakhethi yamaphoyisa yelinye lamaphoyisa ashonile,” kusho uMathe. Wengeze ngokuthi abatshuzi bezwe into enkulu yensimbi ngaphansi kwamanzi ebangeni elingamakhilomitha amane ukusuka kuthelawayeka u-N1, kodwa ayikakakhishea, ngakho-ke akukakaqinisekiswa uma kuyimoto elahlekile yini.

Lo msebenzi wokusesha ubandakanya abatshuzi be-SAPS, abatshuzi beDolobha laseTshwane kanye ne-EMS, i-SAPS Special Task Force, kanye ne-Search and Rescue South Africa.

Izinkampani zonogada ezizimele ezifana ne-Fidelity Secure Fire kanye ne-Vision Tactical nazo zikhona, kanye ne-Lyttleton Community Police Forum nophiko lobugebengu be-inthanethi lwe-SAPS.

Ekuqaleni kwaleli sonto kutholwe izidumbu zamaphoyisa amathathu anyamalala esikhathini esingaphezu kwesonto eledlule.

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola uthe ithimba lisathungatha imoto elahlekile. Utshele izintatheli endaweni yesigameko ukuthi ngeke bakwazi ukusho okwamanje ukuthi amaphoyisa ahlaselwe yini.

“Sisathungatha i-VW Polo kanti uphenyo lwethu lusaqhubeka,” kusho uMasemola.

“Asifuni ukuqagela okwamanje ukuthi yini eholele ekutholakaleni kwalezi zidumbu emfuleni, ukuthi ngabe kube yingozi noma cha. Uphenyo lwethu luzodalula lezo zingxenye uma sesiyitholile imoto yabo.”

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa asesha emfuleni iHennops efuna imoto elahlekile.

Umthombo wesithombe: National SAPS

Izihloko zakamuva