Abathola izibonelelo bakhala ngezinkinga ezikhungethe uSassa 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abathola izibonelelo zakwa-Sassa eKapa bathi bakhathele uhlelo lokuhola  lwalenhlangano kazwelonke oluhleze lunezinkinga.

Abaningi okuhlanganisa nalabo abathola izibonelelo zesondlo sezingane, izibonelelo zokukhubazeka nezibonelelo zabantu abadala bathwala kanzima uma sekufike isikhathi sokuthola imali yabo yanyanga zonke.

Lezi zinkinga zishiye imindeni eminingi ingenazo izidingo futhi idonsa kanzima.

Isakhamuzi sase-Lower Crossroad sithe siphatheke kabi ngesikhathi siyolanda imali yesibonelelo sikahulumeni sengane kodwa sathola ukuthi ayikho.

“Ngihambe ngayolanda imali ngoLwesithathu ngemuva kokuyibona ukuthi isingenile kwibhalansi yami ebhange, Kodwa ngesikhathi ngifika enxanxatheleni yezitolo ngitshelwe ukuthi ayikho imali.

“Bengidiniwe ngoba ngiboleke imali yokugibela ngathembisa ukuthi ngizoyikhokha uma ngibuya enxanxatheleni yezitolo.” sisho kanje. 

Uphinde waphindela ngakusasa, kodwa wabhekana nenkinga efanayo.

“Angisazi ukuthi ngenzenjani.

“Asinakho ukudla, futhi bengicela ukuphiwa kusukela ngoMsombuluko ngoba benginethemba lokuthi ngizothenga ukudla ngemuva kokuthola imali.”

UKhayakazi Nkuhlu naye ogileke esifanayo uthi: “Kwenzeka okufanayo ngoZibandlela. Ngaphoqeleka ukuthi ngiboleke imali ngoba besingenalutho.”

UNkuhlu uzwakalise ukudideka ngokuthi kungani abakwa-Sassa bephakamisa ukuthi imali ingalandwa ngosuku okuyilo lokuhola. “ Singahlala kanjani singayilandi ngosuku abasuke belubekile ngoba sisuke sithembele kuyo, silinda inyanga ngoba ukudla esikuthengayo akuyiqedi naleyo nyanga yingakho siphuthuma ngokushesha uma sazi ukuthi usuku lunini.”

Okhulumela abakwa-Sassa, uShivani Wahab unxuse abaholayo ukuthi babike noma yiziphi izinkinga kwa-Sassa noma ebhange leposi. “Isilungisiwe inkinga kulabo abebethintekile ngaphambilini.”

NgoZibandlela nyakenye, i-Postbank yamemezela ukuthi amakhasimende akwa-Sassa ngeke akwazi ukuthola imali yawo yesibonelelo sikahulumeni kuma-ATM.

“Lokhu kwenzeke kumakhasimende abesebenzisa amakhadi egolide akwa-Sassa, kanti azisiwe ukuthi kumele ayephi ukuze athole izibonelelo zikahulumeni.”

Kulabo abangazange bazithole izibonelelo zikahulumeni, kodwa okuvela ukuthi bazitholile ngenxa yezinkinga zobuchwepheshe kuphazamise ukudluliswa kwemali yabo.

Abahlomulayo kwizibonelelo zikahulumeni bafuna isixazululo ezinkingeni ezihlezi zikhona kwa-Sassa. 

“Sekunesikhathi kwenzeka lokhu, futhi ngikholwa ukuthi u-Sassa bekufanele ngabe kade wayilungisa le nkinga,” kusho omunye obedangele.

“Sicela abakwa-Sassa balungise noma iziphi izinkinga noma izinselelo abanazo ohlelweni lwabo ukuze singaphoxeki kuma-ATM.”

Esithombeni esingenhla: Othola isibonelelo obekhathazekile ngokungayitholi imali yesibonelelo sikahulumeni sengane yakhe

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva