Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Abasubathi ababili abasezingeni lomhlaba base-Ekurhuleni abakwazi ukuya emiqhudelwaneni noma ukuthenga izinto zokuzilolonga ezifanele.
Umasipala uthi udonsa kanzima ukusiza ngoba izakhamizi azikhokhi izikweletu.
Isicelo sokuthi abasubathi ababili baseNingizimu Afrika basizwe ngezindawo zokuzilolonga ezingcono kubukeka sengathi siwele ezindlebeni ezingezwa njengoba umasipala wabo uthe awunayo imali.
Laba basubathi ababili base-Ekurhuleni abancintisana ezingeni eliphezulu bazilolongela ejimini ephukile futhi kwesinye isikhathi baphuthelwa imiqhudelwano ngoba bengenayo imali yokuhamba.
Umpetha womhlaba uMpumelelo Tshabalala kanye noBayanda Walaza abathole indondo yesiliva kuma-Olympics banxuse imeya yase-Ekurhuleni uNkosindiphile Xhakaza ukuthi abasize emcimbini obuse-Germiston ngoLwesine.
Kodwa uSomlomo woMkhandlu wase-Ekurhuleni uNthabiseng Tshivhenga uthe umasipala udonsa kanzima ngoba abantu abaningi abazikhokhi izikweletu.
Uthe kunezinhlelo ezahlukene umasipala ozenzile ukuze uthole imali.
“Njengomqhudelwano wakamuva wegalofu weMeya lapho esiqoqa khona imali yemifundaze,” kusho yena.
“Anginabo abaxhasi bezokuvakasha, izinto zokuzilolonga kanye nendawo yokuzilolonga engiyisebenzisayo isesimweni esingesihle futhi ayinazo izinto zokusebenza. Ngike ngihluleke ukuya emidlalweni ngenxa yokushoda kwezimali,” kusho uTshabalala okumele avikele isicoco sakhe somhlaba se-IOB. e-Japan ngonyaka ozayo.
Yize eziqeqesha ngaphansi kwezimo ezinzima, uTshabalala uthembisa ukuqhubeka nokumela iNingizimu Afrika.
“Nakuba ngiziqeqesha ngaphansi kwezimo ezingezinhle ngisazophusha ngimele izwe lami emazweni omhlaba futhi ngibuye nezindondo,” usho kanje.
UWalaza, owine isiliva ku-4x100m relay kuma-Olympics e-Paris, unethemba lokuthi umasipala uzozigcina izithembiso zawo.
“Bathembise ukuthi bazosisiza ukuthi sithole abaxhasi bezimali futhi bazobona ukuthi bangasixhasa kanjani. Besidinga lesi siqiniseko ngoba lokhu asikwenzeli thina kuphela kodwa sikwenzela izwe lonke,” usho kanje.
Kulo mcimbi kuphinde kwahlonishwa usayitsheni wamaphoyisa uKeshi Mabunda, owadalula icala lombulali uNomia Rosemary Ndlovu. URosemary wabulala amalungu omndeni wakhe ukuze athole imali yomshwalense.
Laba basubathi bacela noNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie ukuthi angenelele abasize.
Esithombeni esingenhla: Imeya yase-Ekurhuleni uNkosindiphile Xhakaza kanye nezingqwele ebezihlonishwa zase-Ekurhuleni.
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo