‘Abashushumbisi bezidakamizwa kumele bathole odilikajele’ 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Iqembu elilwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa i-World Changers Candidates lifuna ukuba abadayisi bezidakamizwa bathathelwe izinyathelo ezinqala. 

Le nhlangano ezimele ezinze e-Leondale, e-Gauteng, isifake isicelo sezikhalazo icela uhulumeni ukuthi agwebe ngodilikajele abashushumbisi bezidakamizwa.

Ikholelwa ukuthi uma abadayisi bezidakamizwa bebhekana nokujeziswa okunzima, kuzothumela umyalezo oqinile emphakathini futhi kusize ekunciphiseni izinkinga zezidakamizwa. 

Ngesonto eledlule, bahambise uhlu lwezikhalazo zabo kuMengameli uCyril Ramaphosa kwimbizo yakhe kamengameli ebise-Tsakani Stadium, eKurhuleni.

Iholwa yintsha, le nhlangano iya ezikoleni nasezindaweni zomphakathi ukuze ifundise abantu ngobungozi bezidakamizwa.

UMotshidise Maputswe, omele i-World Changers Candidates, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi le nhlangano isineminyaka engu-24 ilwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa. 

Uthe manje sekulula kakhulu kunakuqala ukuthola izidakamizwa, kanti lokhu kuthinta abantu bayo yonke iminyaka, ngisho nezingane ezineminyaka engu-12 ubudala.

“Inkinga yezidakamizwa yimbi. Izidakamizwa zilethwa ngisho ezikoleni,” kusho uMaputswe. 

“Uma abadayisi bezidakamizwa sebeboshiwe, akufanele bathole ibheyili noma ushwele futhi kufanele bagwetshwe udilikajele. Uma bengekho ukuzihlinzeka, isidingo sezidakamizwa sizokwehla, okwenza kube lula ukusiza imilutha ukuthi ilulame.”

Ukholelwa ukuthi ukususa abadayisi bezidakamizwa emiphakathini isinyathelo esiyiso ekuxazululeni le nkinga.

UMaputswe unethemba lokuthi uhulumeni wobumbano kuzwelonke oholwa amaqembu amaningi ezombusazwe, uzogcina efeze isicelo sabo sokuthi kube nemithetho eqinile. 

“Sidinga uhulumeni abambisane nathi ukulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa futhi kususwe izidakamizwa emigwaqeni yethu,” usho kanje.

Esithombeni ngenhla: Uphawu lukaMotshidise Maputswe olulwa nezidakamizwa. 

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva