Abashushisi bathi bebengacabangi ukuthi uMatlala angahoxa kwisivumelwano

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UVusimuzi ‘Cat’ Matlala uhoxile esivumelwaneni sakhe sokuvuma icala ngoMsombuluko, ngemuva kokuba imantshi yenqabe isigwebo seminyaka eyisishiyagalombili ekuvunyelwene ngaso futhi yaphakamisa iminyaka engu-12 esikhundleni salokho.

Njengoba isivumelwano sesingasebenzi manje, umbandela omvikela emibuzweni mayelana nethenda ye-SAPS kwiKhomishini kaMadlanga ungase ungasasebenzi.

UVusimuzi “Cat” Matlala ushiye isivumelwano sakhe sokuvuma icala nokusebenzisana nombuso, kanti iNational Prosecuting Authority ithi ibingakulindele lokhu, ngisho nangemva kokukhuluma nethimba lakhe labammeli ngaphambilini.

UMatlala uvumile icala ngomhlaka-25 ngoNhlangulana ngamacala ayisikhombisa okukhwabanisa, inkohlakalo kanye nokuhlanzwa kwemali, okuhlobene nethenda ye-SAPS engu-R360 million eyanikezwa inkampani yakhe, iMedicare24 Tshwane District. Ngaphansi kwesivumelwano sakhe sokusebenzisana nombuso, wavuma ukudonsa iminyaka eyisishiyagalombili ejele futhi afakaze ngokumelene namaphoyisa aphezulu asolwa naye, ukuze athole isigwebo esilula.

Ngomhlama-1 kuNtulikazi, imantshi u-Ignatius du Preez wenqabe leso sivumelwano, ethi iminyaka eyisishiyagalombili yayincane kakhulu ngobukhulu bobugebengu bukaMatlala. Waphakamisa iminyaka engu-12 esikhundleni salokho wabe esenika uMatlala kuze kube uMsombuluko, umhlama-13 kuNtulikazi, ukuthi anqume ukuthi uyasamukela yini.

NgoMsombuluko, uMatlala uqinisekisile enkantolo ukuthi uyahoxa ngokuphelele kulesi sivumelwano, kunokwamukela isigwebo esinzima. Izinkampani zakhe ezimbili asolwa nazo, i-Medicare24 kanye ne-Luxo Africa Brand Investments, zahoxa kanye naye.

Imantshi imemezele ukuthi isivumelwano asisebenzi lahlehlisa udaba lwaya kumhlaka-11 kuMandulo, ukuze umbuso kanye nabashushisi bakwazi ukunquma ukuthi bazoqhubeka kanjani. UMatlala usagcinwe esitokisini.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority uKaizer Kganyago ubize umphumela ngokuthi uyinhlekelele kubashushisi.

“Kufanele ngempela samukele lokho inkantolo ekushilo.

Kusobala ukuthi kwakungekho ngaphansi kwamandla ethu njengoba sasivumelene,” etshela izintatheli.

“Sifike kule nkantolo singazi ukuthi isinqumo sizoba yini.Sishaqeke njengabo bonke abanye lokho kuyinto eyodwa abantu okudingeka bayiqonde.”

Njengoba lesi sivumelwano singasasebenzi, uKganyago uqinisekise ukuthi umbuso awukwazi ukuthembela kunoma yini equkethwe, okuhlanganisa nanoma yibuphi ubufakazi uMatlala angase abunikeze ngokumelene nezikhulu zamaphoyisa eziphezulu,” esho.

Uphiko Oluphenya Ngokulwa Nenkohlakalo luzoqhubeka nophenyo lwalo ngokuzimela.

UMatlala kulindeleke ukuthi abhekane necala eliphelele.

“Ngoba ngokungasamukeli isicelo, empeleni uthi, ngizofuna ukuqhubeka necala ngokugcwele, ngakho yilokho okuzokwenzeka,” kusho uKganyago, enezela ngokuthi umbuso usaqiniseka ngobufakazi bawo.

UMatlala usalindeleke ukuthi afakaze phambi kweKhomishini Yophenyo kaMadlanga, ephenya ngenkohlakalo kanye nokugxambukela kwezepolitiki ohlelweni lobulungiswa bobugebengu, ngoLwesithathu ngomhlaka-15 kuNtulikazi.

Kubikwa ukuthi uvumile ukuvela ngaphansi kombandela wokuthi ngeke abuzwe ngethenda ye-Medicare24, njengoba leyo ndaba yayiboshelwe esivumelwaneni sakhe sokuvuma. Njengoba isivumelwano sesingasebenzi, leso simo singase singasasebenzi.

Ebuzwa ngalokhu, uKganyago uthe umbuso awunalo izwi ngalokho ikhomishini ekucelayo.

“Asikwazi ukutshela ikhomishini ukuthi yenzeni, kodwa yebo, bangabuza noma yimuphi umbuzo abafuna ukuwubuza, futhi ikakhulukazi manje ngaphansi kwesimo lapho lesi sicelo sesingasebenzi. Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi bazokwenza lokho okufanele bakwenze, futhi sizohamba uma kudingeka sihambe. Kodwa okwamanje, sikushiyela ikhomishini.”

Icala elihlukile, ngamacala okuzama ukubulala ahlobene nokudubula umlingani wakhe wangaphambili, uTebogo Thobejane, nalo kulindeleke ukuthi liqale ngomhlaka-20 kuNtulikazi eNkantolo Ephakeme yaseGauteng.

Esithombeni esingenhla: Okhulumela i-National Prosecuting Authority uKaizer Kganyago ubize umphumela ngokuthi “uyinhlekelele” kubashushisi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva