Abasebenzi baseposini basasabela imisebenzi yabo

Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane

  • Abasebenzi basePosini abangaphezu kuka-4,300 balahlekelwa imisebenzi namagatsha angu-366 avalwa ngesikhathi sohlelo lokuhlenga amabhizinisi olwaqala ngo-2023.
  • Abasebenzi abagcine imisebenzi yabo bathi bakhululeke, kodwa abaningi basakhathazekile ngokuvikeleka kwemisebenzi, amaholo amancane nezimo zokusebenza ezimbi.

Kungenzeka ukuthi iPosi laseNingizimu Afrika seliphumile ekutakulweni, kodwa abasebenzi abaningi bathi ukwesaba nokungaqiniseki kusekude ukuphela.

Ezinkulungwaneni zabasebenzi, eminyakeni embalwa edlule bekugcwele ukukhathazeka njengoba belinde ukuthola ukuthi ngabe basazoba nayo yini imisebenzi.

Osebenza ngokuthumela izincwadi zamaposi oneminyaka engu-39 ubudala wasePimville uthe usakhathazekile ngekusasa lakhe, nakuba iPosi seluphothule ngokusemthethweni uhlelo lokuhlenga ibhizinisi.

Uthe zonke izinsuku emsebenzini bebezizwa bengaqinisekile ngesikhathi inkampani ilwela ukuphila.

“Ngangesaba ukuthi ngingadilizwa, bese ngiqalile ukucabanga ukuthi ngizokwenzenjani uma ngiphelelwa umsebenzi,” usho kanje.

Uthe uma ediliziwe uhlela ukusebenzisa umholo wakhe ukuqala ibhizinisi elincane.

“Nginemali yesondlo sengane okufanele ngiyikhokhe, igilosa engizoyithenga kanye nama-akhawunti nyanga zonke. Ukulahlekelwa umsebenzi bekuzoshintsha yonke into,” usho kanje.

Isisebenzi sithe abasebenzi abasha babona sengathi basengozini enkulu ngoba bakholelwa ukuthi inkampani izosebenzisa umgomo “wokugcina, ukuphuma kuqala” lapho inciphisa imisebenzi.

“Sitshelwe ukuthi bazogcina bengenile, baphume kuqala, abaningi bethu bebekhathazeke kakhulu,” usho kanje.

Yize uhlelo lokuhlenga amabhizinisi seluphelile, uthe abasebenzi basalwela ukwethemba ukuthi ikusasa liphephile.

“Kuningi esesidlule kukho, ngakho-ke kunzima ukukholwa ukuthi yonke into isizinzile manje,” usho kanje.

Uphinde wathi umholo usuhlale iminyaka ungaqondakali.

“Selokhu ngaqala ukusebenza ePosini ngihola u-R6 000 ofanayo, sathenjiswa ukuthi sizonyuselwa kodwa ngakho konke okwenzekile abakaze.”

Umsebenzi uphinde wachaza izimo zokusebenza ezingezinhle.

Uthe ama-postmen amaningi asasebenzisa amabhayisikili amadala avame ukuphuka.

“Ngifisa sengathi bangasinika amabhayisikili amasha namathuluzi afanele.

Kwesinye isikhathi silungisa izinto sisebenzisa imali yethu.”

Uthe amanye amahhovisi abuye athwale kanzima ngenxa yezidingongqangi.

“Ihhovisi lethu alinawo ngisho nogesi ofanele. Sisebenzisa amalambu elanga kuphela.”

Ihhovisi Leposi laseNingizimu Afrika langena ekutakuleni amabhizinisi ngo-2023 ngemva kweminyaka yezinkinga zezimali, ukwehla kwamavolumu ezincwadi kanye nezikweletu ezikhulayo.

Ngokohlelo lokuhlenga ibhizinisi, babalelwa ku-4 342 abasebenzi abadiliziwe kwavalwa amagatsha angu-366 njengengxenye yemizamo yokuhlenga inkampani kahulumeni edonsa kanzima.

Lokhu kuvalwa kuthinte imiphakathi eNingizimu Afrika yonkana, kwashiya abantu abaningi bengenazo izinsiza zeposi eziseduze.

Umxhumanisi weCongress of South African Trade Unions ePhalamende uMatthew Parks ukwamukele ukuphuma kwePosi ekutakuleni.

Uthe kunikeza inkampani ithuba elingcono lokuvuselela ukusebenza kwayo nokuvikela imisebenzi esele.

Lo msebenzi wasePimville uthe usacabanga ngozakwabo abadiliziwe.

“Abanye babo bese besondele eminyakeni yokuthatha umhlalaphansi. Kuzoba nzima kakhulu ukuthi bathole omunye umsebenzi.”

Uthe abasebenzi abaningi banethemba lokuthi iPosi selizokwazi ukusimama ngokwezimali, lithuthukise izimo zokusebenza futhi ligcine liklomelise abasebenzi abaqhubeke iminyaka enzima emlandweni wenkampani.

Esithombeni esingenhla: Abasebenzi basePosini bathi sebekhululekile ukuhlenga amabhizinisi kodwa abaningi basanovalo ngekusasa labo.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva