Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Umshayeli webhasi ushonile ngemuva kokuhluleka ukulilawula ngaseMusina, amakhilomitha amane ukusuka emngceleni weBeitbridge, iziphathimandla zithi ukukhathala yikona okuyimbangela.
Abagibeli abangu-11 abaphuthunyiswe eBeitbridge Repatriation Camp besuka KwaZulu-Natal balimele kanti manje basesibhedlela saseMusina.
Kushone umshayeli webhasi ngemuva kokuba ibhasi abehamba ngalo ligingqika ku-N1 ngaseMusina ezintatha ngoLwesithathu.
Kulimale abagibeli abangu-11.
Ibhasi ibithwele abantu abasuka KwaZulu-Natal belibangise kwikhempu eBeitbridge. Ligingqike endaweni engamakhilomitha amane eningizimu yomngcele weBeitbridge.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi eLimpopo uMashudu Mabata uthe umshayeli uhlulekile ukulawula ibhasi ngemuva kokukhathala.
“Kuqinisekisiwe ukuthi umshayeli ushonile, kanti abagibeli abayishumi nanye bathole ukulimala,” kusho uMabata.
Abagibeli abalimele baphuthunyiswe esibhedlela saseMusina ukuze bathole ukwelashwa.
Abezimo eziphuthumayo, abomthetho kanye nezikhulu zomgwaqo zisendaweni yesigameko. Umgwaqo usavuliwe, kodwa uMabata uxwayise ngokuthi kungenzeka uvalwe okwesikhashana ngesikhathi abaphenyi be-forensic benza umsebenzi wabo.
“Ngakho-ke kufanele kulindelwe ukubambezeleka,” kusho yena.
UMabata unxuse abashayeli abasebenzisa lo mzila ukuthi behlise isivinini, bagcine ibanga eliphephile uma belandela futhi balalele nezikhulu zomgwaqo ezikhona endaweni yesigameko.
UMnyango wezokuThutha uthe uzonikeza eminye imininingwane njengoba bengena.
Esithombeni esingenhla: Ibhasi eligodukisa abantu baseMalawi ku-N1 eLimpopo.
Umthombo wesithombe: Fika Uphila
